UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

Advertisement

SEKUVELE IZINSOLO EZIBUCAYI NGOWODUMO KUKHOZI FM

UMZUKULU KAMHLANGANYELWA 

Inhlangano iMarch and March isimemezele ukuthi isimise ukusebenzisana noNgizwe Mchunu kusalindwe ukuqedwa kophenyo ngezinsolo ezithinta ukusebenza kwenhlangano.

Esitatimendeni esikhishwe yile nhlangano, ithe ithole umbiko ophuma ophikweni lwayo lweGovernance and Legal Compliance kulandela uphenyo olude olwenziwe ngezinsolo zokuthi kunabantu bezepolitiki kanye nezinkampani ezithile abazama ukuphazamisa inhlangano nokudikibalisa amalungu ayo.

Le nhlangano ithi ikholelwa ukuthi le mizamo ihlelwe ngabantu abafuna ukulimaza umgomo wayo nokuvimba ukukhula kwawo.

Iphinde yathi yamukela okutholwe uphenyo okusho ukuthi kube khona izinsolo zokuthi kube nokunikezwa nokwamukelwa kwesifumbathiso ngenhloso yokudicilela phansi inhlangano nabalandeli bayo.

Esitatimendeni, inhlangano ithe: “Ngemuva kokucubungula amaqiniso abekwe phambi kwethu, siwaqhathanisa nezimiso nezindinganiso ezasungulwa ngazo le nhlangano, futhi ngemuva kokubonisana nababambiqhaza, sinqume ukuthi kusalindwe ukuqedwa kophenyo, iMarch and March ngeke isasebenzisana noMnu. Ngizwe Mchunu.”

Le nhlangano ayizange iveze imininingwane egcwele ngezinsolo ezibhekene noMchunu futhi ayizange iqinisekise ukuthi ngabe sekukhona yini amacala avuliwe emaphoyiseni.

Ngesikhathi kushicilelwa le ndaba, uNgizwe Mchunu ubengakaphenduli esidlangalaleni ngalesi sinqumo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *