UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
“Kunesahluko esisha ezinhlelweni zethu, olwasekuseni kanye nolwantambama. Lindela isimemezelo esizodalula izinguquko maduze nje.”
Lesi isikhangiso esidlala kwiGagasi FM kulezinsuku asesidonse amehlo abantu abaningi kwaZulu-Natal.
Abanye bathi kungase kube khona ukushintshwa kwethimba lasekuseni, kanti abanye bakholwa ukuthi iGagasi FM ilungiselela ukwethula uhlelo olusha ngokuphelele oluzoguqula indlela abalaleli abajwayele ngayo umsakazo.
Okwenza le ndaba ishube kakhulu wukuthi iGagasi FM isanda kwenza ezinye izinguquko ezinkulu ngemuva kokulahlekelwa uSimtho Dladla, Khaya Mthethwa, Nokwanda Tema kanye noSphe Live.
Ukushiya kwalawa magama kwashiya izikhala ezinkulu kubalandeli abaningi bomsakazo.
Manje umbuzo osezindebeni zabantu uthi:
Ngabe uFelix Hlophe noMinnie Ntuli bazoqhubeka ndawonye ekuseni? Ngabe uDJ Sphectecular, Selbeyonce noDJ Naves basazoqhubeka nokwethula uhlelo lwantambama?
Noma kukhona amagama amakhulu azomenyezelwa maduze?
Okwamanje iGagasi FM belingakakhiphi imininingwane egcwele, kodwa into ecacile ukuthi kukhona okukhulu okuphekwa ngaphakathi kulo msakazo waseThekwini.
Abalaleli sebebheke ngabomvu isimemezelo esizodalula ukuthi ngubani ozosala emoyeni, ngubani ozothola indawo entsha, nokuthi lesi “sahluko esisha” sizowuguqula kanjani umsakazo iGagasi FM.




















Leave a Reply