UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

Advertisement

USBU BUTHELEZI “UPHAHLUKE” NGOMSEBENZI WOKHOZI FM OZOGXUMA AJOYINE UMSAKAZO WAKHE OMUSHA

UMZUKULU KAMHLANGANYELWA 

Kube nokudideka okukhulu emva kokuthi ingwazi eyayidume kakhulu oKhozini FM, uSbu Buthelezi, “iphahlukile” ngegama lomsebenzi owaziwayo woKhozi FM ozoba yingxenye yomsakazo wakhe omusha osanda kusungulwa.

Izolo, uShenge udalule ngokusemthethweni ukuthi ukhuza ibuya elikhulu ngomsakazo womoya osemoyeni (online radio) obizwa ngokuthi Crown  Radio Pro

Uma ewuchaza lo msakazo, uthe uzogxila kakhulu emculweni wokholo, umaskandi kanye nemiculo ethandwa abantu abasha.

Khonamanjalo, uShenge uqinisekise ukuthi uhlelo lwakhe oludumile lwezonkolo nendumiso, oluhambisana nesegment ethandwa kakhulu ethi “Tell Me Your Story”, luyaqhubeka. 

Ngokwezinhlelo zakhe, kusukela ngoMsombuluko ntambama kuya kuLwesine kuzobe kuwuMaskandi kuphela, bese kuthi ngoLwesihlanu kuya kuMgqibelo kube umculo othandwa kakhulu abantu abasha.

Lapho-ke yilapho idrama iqale khona! Ngesikhathi ememezela izinhlelo zangempelasonto, uShenge unikeze umkhondo wokuthi akasiye yedwa kulo mkhumbi:

“Angifuni-ke ukungena kakhulu kuleyo yangama-weekends ngoba izinto zikaDJ Mngadi lezo,” kusho uShenge ngomfutho.

Abantu abaningi bakuthathe lokhu njengomkhondo oqinile! Bakholelwa ukuthi uShenge uphahlukile ngephutha wadalula imfihlo, ikakhulukazi ngoba ubize igama likaMngadi, kanti amanye amagama abasakazi ubewagodlile.

Lokhu ku”phahluka” kukaShenge kubuyise imibuzo ebingakaphenduleki. UDJ Mngadi ungomunye wabasakazi abadliwa izembe ngo-Ephreli oKhozini FM ngesikhathi kushintshwa izinhlelo. 

Kodwa okudide abaningi ukuthi uMngadi kulezinsuku usenakho ukuzwakala ohlelweni luka MaFresh Mpungose enza ama-mixes, okusho ukuthi akukacaci kahle ukuthi ubuyele kanjani kulo msakazo, ngabe uqashwe kabusha noma uyi-contrinutor? 

Okwamanje, intuthu iyashunqa, kanti akukacaci ukuthi uMngadi uzosebenza kulaba bobabili yini, noma uShenge umkhiphele ngaphandle kwebhokisi ngaphambi kwesikhathi!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *