UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Umsakazi weVuma FM uMankini Mgenge usayine isivumelwano esisha sesikhathi esimaphakathi esizokwenza ukuthi uhlelo lwakhe oludumile lwangezimpelasonto, iBreakfast with Bang, lungenise isigaba esisha sokubuyekeza izimoto esibizwa nge-#ShintshaAmagiya.
Lesi simemezelo sifika njengoba kuqala inyanga ka-Agasti, kanti uMgenge uqinisekise ukuthi iBreakfast with Bang isizoba yikhaya elisemthethweni lalesi sigaba esisha sezimoto.
Ngaphansi kwalesi sivumelwano, inkampani ehlinzeka ngezimoto izonikeza uMgenge izinhlobo ezahlukene zezimoto ezintsha azozibuyekeza bukhoma emoyeni kanye nasezinkundleni zokuxhumana.
Lo msakazi uthe abalaleli bangalindela ukubuyekezwa okuthembekile, okuwusizo futhi okunolwazi ukuze kubasize benze izinqumo ezifanele uma sebefuna ukuthenga imoto entsha.
“Njengoba siqala u-Agasti, ngijabule ukumemezela ukuthi #BreakfastWithABang isiyikhaya le-#ShintshaAmagiya,” kusho uMgenge.
Uthe lokhu kuyisinyathelo esikhulu sokukhulisa lolu hlelo lwangezimpelasonto ukuze lungagcini ngokuzijabulisa kuphela, kodwa luphinde lunikeze okuqukethwe okuphathelene nendlela yokuphila kanye nezidingo zabathengi.
UMgenge uphinde wabonga iVuma FM ngokumnika inkululeko yokuba creative ukuze akhe iBreakfast with Bang ibe uhlelo olujabulisa abalaleli futhi oludonsa nabaxhasi.










Leave a Reply