UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

Advertisement

IGAGASI FM SELIVULE UKUQOKWA KWABAZOHLONISHWA KUMA-SHERO AWARDS 2026

UMZUKULU KAMHLANGANYELWA 

IGagasi FM, iThe Sound of KZN, limemezele ngokusemthethweni ukubuya komcimbi odume kakhulu wokuhlonipha abantu besifazane, i-10th Annual Gagasi FM SHERO Awards 2026.

Lo msakazo uthe njengoba ugubha iminyaka eyishumi yalolu hlelo, usuqale ngokusemthethweni ukwamukela amagama abantu besifazane abenza umehluko omkhulu emphakathini ngezinga lokuhola, ukuzimisela, ukuqina nokuzinikela ekuguquleni izimpilo zabanye.

Sekuyiminyaka eyishumi iGagasi FM SHERO Awards iyinkundla ehlonipha abantu besifazane abaqhubeka nokwephula izithiyo, bakhuthaze izizukulwane futhi bachaze kabusha impumelelo emikhakheni ehlukahlukene yomphakathi.

Lo mcimbi awugcini nje ngokuba uhlelo lwemiklomelo, kodwa usuphenduke umkhankaso omkhulu wokugqamisa abantu besifazane abanomthelela omkhulu kwezomnotho nakwezenhlalo KwaZulu-Natal, yize umsebenzi wabo uvame ukungabonwa noma ungatholi ukunakwa okufanele.

Njengoba kuwuNyaka Wabantu Besifazane, iGagasi FM selinxuse umphakathi ukuthi uqoke abantu besifazane ababonisa isibindi, ubuholi, ubuciko, umusa kanye nokwenza kahle emikhakheni efana:

Ebhizinisini

Ezemfundo

Ezempilo

Ezamabhizinisi amancane

Ezobuciko namasiko

Ezolimo

Isayensi

Ezokusakaza

Ezemidlalo

Ukuthuthukiswa komphakathi

Lo msakazo uthe ufuna ukuhlonipha abantu besifazane abaqhubeka nokwenza iKwaZulu-Natal ibe indawo engcono ngokusebenza kwabo nangobuholi babo obushintsha izimpilo zabantu nsuku zonke.

IGagasi FM limemezele ukuthi ukuqokwa sekuvuliwe ngokusemthethweni, kanti amagama azoqokwa azovalwa mhla ziyi-14 kuNcwaba 2026.

Abafuna ukuqoka abantu besifazane abafanele ukuhlonishwa bangavakashela le ngosi:

Lo mcimbi kulindeleke ukuthi uphinde uhehe ukunakwa okukhulu njengoba usuphenduke omunye wemikhosi ehlonishwa kakhulu KwaZulu-Natal yokugubha impumelelo yabantu besifazane abenza umehluko omkhulu emphakathini.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *