UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

UPENNY NTULI UFUNA UKUKHANDA IMILLIONAIRE NGEBIG BROTHER!

Umsakazi odumile, uPenny Ntuli, ushiye abantu abaningi bekhuluma ngemuva kokudalula ukuthi ufisa oyedwa wabalandeli bakhe angenele uhlelo oludume umhlaba wonke, iBig Brother.

Yize evumile ukuthi akasisoze azibize ngomlandeli omkhulu walolu hlelo, uPenny uthi usebonile ukuthi abantu abaningi abaphuma endlini yeBig Brother bagcina sebethola amathuba amakhulu okuduma, emisebenzi kanye namabhizinisi.

Ekhuluma ezinkundleni zokuxhumana, lo msakazi uveze ukuthi impilo yakhe yokuhamba njalo imenza angabi naso isikhathi sokubukela izinhlelo zikamabonakude njalo.

“Personally I’m not a big fan of TV but mainly because I’m always travelling so vele I don’t commit to watching anything cos angeke ngiqede in peace,” kubhala uPenny.

UPenny uphinde wahlekisa ngokuthi akasazi kahle ukuthi kusebenza kanjani ukukhishwa kwabantu ezinhlelweni ezifana neBig Brother noma i-Idols ngoba uvamise ukuzifica sezifinyelele emaphethelweni.

Nokho lokho akumvimbi ukuthi abone amathuba alethwa yilolu hlelo. Uthe ufisa oyedwa wabalandeli noma “umzala” angenele iBig Brother, yena azibophezele ekumkhankaseleni aze abe sematheni.

“Bengfisa oyedwa womzala la angenele iBIG BROTHER (especially if you need the exposure), nike ningenele nje bafethu then mina and I’ll make it umsebenzi wam to push you while you’re inside the house,” kusho yena.

Lo msakazi odumile uthe ngeke athembise ukunqoba, kodwa angathembisa ukusebenzisa amandla akhe amakhulu ezinkundleni zokuxhumana ukuze aphushe lowo ozongena endlini.

Ngokusho kwakhe, okubaluleke kakhulu akusikho ukunqoba kuphela kodwa ukuvezwa emphakathini nokuthola amathuba amaningi ngemva kohlelo.

“I’m not promising you’ll win but I notice laphayana when you come back you are exposed to a lot of opportunities kalula,” kuqhuba yena.

UPenny uthi abantu abaningi abake babamba iqhaza kwiBig Brother bagcina bethola amathuba emisebenzi, ubambiswano namabhizinisi, kanti abanye bagcina sebengosaziwayo ngenxa yokuvela kulolu hlelo.

Ekugcineni, uveze ukuthi akazi kahle ukuthi isizini elandelayo yeBig Brother izoqala nini, kodwa ukholelwa ukuthi akukho okubi ngokuzama ngoba umuntu akazi ukuthi ikusasa limphatheleni.

“I don’t know when is the next Big Brother but can we do that? Sibe neMillionaire laykhaya, akoni ukuzama.”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *