UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

“AWUYONA NGISHO INHLOBO YAMI” UMSAKAZI EPHOXA OWESIFAZANE

USOL PHENDUKA  uphendule ngolaka ezinkundleni zokuxhumana kulandela izinkulumo zikaNaqueeda mayelana nesigameko esenzeka ekilabhini, lapho ekhulume khona ngoSol kanye noThakgi.

She is not even my type. Not even close!!!!” kusho uSol Phenduka, echitha imibiko ethi ubethanda uNaqueeda noma ezama ukushela lentokazi.

USol uthe ubemane nje eziphethe kahle ngesikhathi exoxa noNaqueeda, wagcizelela ukuthi ukumncoma noma ukukhuluma naye bekungeyona indlela yokumshela.

Lolu daba luqubuke ngesikhathi uNaqueeda, ogama lakhe langempela ngu Lesedi “Naqueeda” Dayel, ekhuluma ohlelweni Spreading Humours, lapho elandisa khona ngezigameko athi zenzeka ngesikhathi ese-clubhini.

Kulesi siqephu, uNaqueeda ukhulume ngoThakgi, ethi wayemgqolozele isikhathi eside ngesikhathi besekilabhini.

Uthe lokhu kwamenza wangakhululeki, wagcina esondela kuye ukuze ambingelele.

Kodwa uThakgi akuyena yedwa akhuluma ngaye.

UNaqueeda uphinde waxoxa ngokuhlangana kwakhe noSol Phenduka, ethi uSol wasondela kuye futhi wamncoma ngendlela abebukeka ngayo.

Lezi zinkulumo zisabalale ezinkundleni zokuxhumana, kwathi abanye  baqala ukusho ukuthi bobabili uThakgi noSol babebonakala bezama inhlanhla kuNaqueeda.

USol nokho akazange avume ukuthi lokho kwakuyinhloso yakhe.

Uphendule ku-X wathi: “I was literally just being kind.”

Ngemuva kwalokho waphinda wagcizelela ukuthi uNaqueeda akalona uhlobo lomuntu lwesifazane athanda ukuba nalo, wathi:

“She is not even my type. Not even close!!!!”

Impendulo kaSol nayo isiqalile ukudala eyayo ingxoxo ezinkundleni zokuxhumana.

Abanye babasebenzisi bavumelana naye, bethi ukuncoma umuntu wesifazane noma ukukhuluma naye kahle akusho ukuthi umuntu usuyamshela.

Abanye bona bathi uNaqueeda ubemane elandisa ngendlela yena abone ngayo lezi zigameko futhi unelungelo lokuchaza indlela azizwe ngayo.

UNaqueeda ungumuntu owaziwayo njenge Content Creator ezinkundleni zokuxhumana, kanti useke wavela nakwezinye izinhlelo zama-podcast.

Lolu daba luza ngemuva kokuthi uNaqueeda eke waba sematheni ngenxa yengxabano ehlobene ne-podcast, lapho kubikwe khona ukuthi wafaka icala lokumangalela uL-Tido nabanye abathintekayo ngemali engu-R1 million ngenxa yezinkulumo athi zenyundele igama lakhe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *