Alisayithandi nakancane indaba ikhasimende elisebenzisa isiwasho sodumo somsakazi woKhozi FM, uZimdollar Biyela.
Leli khasimende lithi selokhu laqala ukugeza ngesiwasho esibizwa ngo Inhlanhla Yesemandulo, alisakutholi ukuphumula ngenxa yokuthi izintombi seziyalilandela!
“Ayi mna, Inhlanhla Yesemandulo ingenza ngithandwe amantombazane sengize nginezintombi eziwu-14,” kubalisa leli khasimende.
Leli khasimende lithi sekungaphezu kwamandla alo njengoba lithi ukuthandwa kangaka sekuqala ukuba yinkinga.
Nokho, yize leli khasimende likhala ngokuthi selilandelwa yizintombi, baningi abanye abantu abaqhubeka nokuncoma lesi siwasho.
UZimdollar uphinde wabelana ngengxoxo kaWhatsApp lapho ikhasimende limxoxela khona ngomunye umphumela elithi liwutholile ngemuva kokusebenzisa lesi siwasho.
Leli khasimende lithi ngosuku olulodwa nje seligezile ngesiwasho, lathola ucingo olwalulitshela ukuthi selithole umsebenzi.
Lezi zindaba sezivuse imibuzo kubalandeli bakaZimdollar ngokuthi ngabe Inhlanhla Yesemandulo isiphenduke isiwasho esenza izinto zenzeke noma amakhasimende ahlangabezana nje nezinto ezinhle ngesikhathi esifanayo.











Leave a Reply