USIZI KU-LINDA SIBIYA: USHONELWE UDADEWABO NGOKUZUMA

Usizi lwehlele umsakazi weGagasi FM, uLinda Sibiya, oshonelwe udadewabo uNozipho Aretha Sibiya-Mngomezulu, oshone izolo ebusuku ngokuzuma.

ULinda udalule lezi zindaba ekuseni, echaza ukuthi usathukile futhi akakakholwa ngokwenzekile.

Uthe lezi zindaba zafika kuye ngesikhathi esanda kuphuma ohlelweni lukaMalusi Mbokazi, i-ICC, lapho ezwe khona ngodadewabo odlule emhlabeni.

Ngenxa yalokhu kushonelwa, uLinda akekho emsebenzini namuhla njengoba ebhekene nosizi lokushonelwa yilungu lomndeni.

“Okwamanje ngisashaqekile, ngethukile kodwa uJehova ulidwala lethu,” kubhala uLinda.

Uphinde wadlulisa amazwi enduduzo kubo bonke abaseduze nomndeni wakwaMngomezulu, kuhlanganisa abantu bakwaSotobe eShowe, iLutheran Church, ikakhulukazi ibandla laseMtuba kwaMsane.

ULinda uthe yena nomndeni bazobambelela kuNkulunkulu kulezi zikhathi ezinzima.

“Dwala elangifela yilo esokhosela kulo,” kusho yena.

Uphinde wathumela amazwi enduduzo kuyena uMnu Mngomezulu nabashana, ebakhumbuza ukuthi ithemba labo likuNkulunkulu.

Imininingwane ngomngcwabo nezinhlelo zokubekwa kukaNozipho izolandela uma isitholakala.

Sidlulisa amazwi enduduzo kuLinda Sibiya nomndeni wakwaMngomezulu. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *