UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

IMANGAZE ABANINGI I-MK PARTY IGADLA NGOMSAKAZI WODUMO KWAMASHU!

Umsakazi wodumo uLwazi Mdladla, owaziwa ngelika Mlwazet, usefake elinye igxathu elikhulu empilweni yakhe njengoba esengene kwezombusazwe.

UMdladla, osezakhele igama emsakazweni ikakhulukazi kwiVibe FM, umenyezelwe njengomuntu ozomela i uMkhonto weSizwe Party (MKP) kuWard 40,KwaMashu.

Ukufakwa kwakhe njengomuntu ozongenela ukhetho kule ward sekumangaze abaningi, njengoba uMlwazet ejwayele ukubonakala nokuzwakala emsakazweni kunasenkundleni yezombusazwe.

UMdladla akagcini ngokuba ngumuntu owaziwayo emsakazweni. Ungumsunguli we Bavundulule Awards, okuyimiklomelo egqamisa futhi ihloniphe abantu abanegalelo emiphakathini yabo.

Emazwini akhe, uMlwazet uthi iMK Party “iyithemba lokugcina lomuntu omnyama”, wathi inhloso yakhe ukusebenzela umphakathi nokubhekana nezinkinga ezithinta abantu baseWard 40.

“Ngizimisele ukuwusebenzela umphakathi ngeqiniso. Ngiyathembisa ukuhola ngobulungiswa nokunakekela wonke amalungu omphakathi ngendlela elinganayo,” kusho uMdladla.

Uphinde wathi ushintsho kanye nokulethwa kwezinsiza ngendlela efanele kuzoba phakathi kwezinto azozibeka eqhulwini uma ethola ithuba lokumela lo mphakathi.

UMlwazet uphinde wakhombisa ukuzethemba ngeqembu lakhe, wathi iMKP ihlose ukuthatha amaWard kanye nomasipala.

Ukungena kukaMdladla kwezombusazwe kuzoba yindaba ebhekwe kakhulu, ikakhulukazi kubalandeli bakhe asebematasa bemazi njengomsakazi kanye nomuntu osebenza ekuqhakambiseni amathalente nomsebenzi womphakathi.

Kusazobonakala ukuthi abalandeli bakhe emsakazweni bazomamukela kanjani uMlwazet omusha, manje osephendule imakrofoni yezokusakaza waba yizwi lezombusazwe kuWard 40.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *