USenior Producer woKhozi FM, uZandi Wardle, usebatshele ezikabhoqo abasakazi abazibona bengaphezu kweziteshi abasebenza kuzo.
UWardle uthi kunabasakazi abathi uma sebethole udumo, ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana, baqale ukuziphatha sengathi abasenakufundiswa lutho.
Abanye, uthi, baze bafune ukukhetha ukuthi bazosebenza nobani, bangasebenzi nobani, nokuthi ngubani okufanele ahambe ohlelweni.
Kodwa uWardle uthi ukuba nezigidi zabalandeli ku-Instagram akusho ukuthi lezo zigidi zilandela umsakazo.
“Your fame does nothing for the station,” kusho yena.
Uthi umsakazi onezigidi zabalandeli akumele acabange ukuthi labo balandeli bayizigidi zabakhangisi noma abalaleli abangeziwe besiteshi.
UWardle uthi into ebalulekile ukuthi umsakazi uyakwazi yini ukugcina abantu belalele uhlelo lwakhe, nokuthi yiliphi igalelo aliletha emsebenzini.
Uphinde wagxeka abaphathi abesaba ukuthatha izinyathelo kubasakazi abadumile ngenxa yokuthi besaba ukuthi bangalahlekelwa yibo.
Uthi lokhu kungagcina kumvimbele umsakazi ekukhuleni ngoba wonke umuntu usesaba ukumhambisa, ukumqondisa noma ukumshintsha uhlelo.
Okunye axwayise ngakho uWardle yidumela lokuba “nzima ukusebenza nabasakazi”.
Uthi leli gama lisabalala ngokushesha embonini futhi lingagcina limlandela umsakazi lapho eseshintshela kwesinye isiteshi.
UWardle uphinde wakhumbula umufi uShadrak Ngema, athi wamfundisa ukubaluleka kokuthobeka.
Uthi ngesikhathi esebenza naye emsebenzini wefilimu, uMadlokovu, nakuba ayesenegama elikhulu, wayemhlonipha futhi emlalela njengomqondisi osemusha.
Babekwazi ukushintshisana ngemibono, bakhe umlingiswa ndawonye futhi umsebenzi uqhubeke ngaphandle kokuthi omunye azibone emkhulu kunomunye.
UWardle uthi uNgema wayefika ezilungiselele, azi imigqa yakhe futhi ekulungele ukwenza umsebenzi.
Lokhu usekuchaze njesifundo athi abasakazi banamuhla kufanele basifunde.
Lomdidiyeli omkhulu uthi uma udumo lwakho selukwenza uzibone umkhulu kunesiteshi, mhlawumbe sekuyisikhathi sokwakha esakho.











Leave a Reply