“ANGIBONANGA UKUTHI NINGITHANDA KANGAKA”
Umakadebona wentatheli ebisebenzela iNewzroom Afrika, uPhila Mthembu, usekhulume okokuqala ngokujulile ngesinqumo sakhe sokushiya lesi siteshi sezindaba kungazelelwe ngoMashi.
UMthembu uveze ukuthi izinyanga eziyisithupha ezedlule azibanga lula njengoba ebhekene nombuzo obulokhu ubuzwa kaningi ngabalandeli nababukeli bakhe othi: “Kungani washiya iNewzroom Afrika?”
Uthi lo mbuzo usumlandele yonke indawo, kangangoba useze wagwema nezinye izindawo ngoba azi ukuthi uzophinde abhekane nawo.
“Angizange ngazi ukuthi ningithanda kangaka nomsebenzi engangiwenza,” kusho uMthembu emlayezweni othinte imizwa.
Uthi okumenze wathinteka kakhulu ukuthi abantu basamkhumbula futhi basafuna ukwazi ukuthi kwenzekeni ngesikhathi ethatha isinqumo sokusula.
“Imibuzo ephindaphindwayo ethi, ‘Kungani washiya iNewzroom Afrika?’ isibe miningi kakhulu kimi,” kusho yena.
UMthembu uthi ngisho izolo ubuzwe lo mbuzo futhi, okukhombisa ukuthi ukuhamba kwakhe esiteshini akukakhohlakali kubabukeli bakhe.
Uthi uhlale ubhekana nabalandeli abakhungathekile ngokungasamboni esikrinini.
Uthi kuzw kudingeke ukuthi abaduduze, kwesinye isikhathi aze abanike ithemba lokuthi uzobuya maduze kumabonakude.
“Kuze kwaphoqa ukuthi ngifunde ukududuza abalandeli abathinteke kakhulu, ngibaqinisekise ukuthi ngizobuya kumabonakude maduze,” kusho uMthembu.
Kodwa uyavuma ukuthi leyo nkathi yokuthatha lesi sinqumo ibinzima kakhulu kuye.
“Uma ngikhuluma iqiniso, bekungelula,” kusho yena.
UMthembu akazange achaze kabanzi ukuthi yini eyaholela ekusuleni kwakhe eNewzroom Afrika ngoMashi, eshiya abalandeli benemibuzo eminingi engakaphendulwa.
Ekugcineni, uMthembu uxolisile kubalandeli bakhe futhi wavuma ukuthi naye ubhekene nobunzima .
“NGIYAXOLISA,” kusho uMthembu.











Leave a Reply