UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

UMSAKAZI WODUMO UTHI AKULONA IQINISO UKUTHI AMANTOMBAZANE AWALUTHANDI UCANSI

Umsakazi woKhozi FM, uZimphi “Zimdollar” Biyela, usephikise umbono wokuthi amantombazane anamuhla awasenandaba nocansi, asefuna imali kuphela.

UZimdollar, ophinde abe ngusomabhizinisi nomsunguli we-UKM, uthe akahambisani neze nale nkolelo ethi imali isiyiyo kuphela into efunwa ngabesifazane.

“Ayikho leyonto, siyawazi thina amantombazane. Thina sihlala nomama abathengela obaba ‘umachamisa’,” kusho uZimdollar.

La mazwi uwasho ngesikhathi ekhuluma ngomkhiqizo wakhe omusha, i-Mpesu Max, imbiza athi itholakala kwa-UKM kuphela.

UZimdollar uthi iMpesu Max iyinhlanganisela yeMpesu kanye noMdolofiya, kanti lo mkhiqizo useyingxenye yohlu lwemikhiqizo aqhubeka nokuyikhulisa ngaphansi kwebhizinisi lakhe.

Kulezi zinsuku uZimdollar ubelokhu egqame kakhulu ezinkundleni zokuxhumana, ikakhulukazi kulandela impikiswano eyavuka ngesikhathi ebonakala ephendula uNesi obemsola ngokudayisa imijovo athi ayihloliwe, kanti yena ubeyiphromotha ezinkundleni zokuxhumana.

Le mpikiswano ibangele ukuthi igama likaZimdollar liqhubeke nokuba sematheni, njengoba ematasa nokukhulisa ibhizinisi lakhe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *