Umsakazi weNongoma FM futhi ongumgqugquzeli ezinkundleni zokuxhumana, uNqubeko, usehoxile emkhankasweni wokuqongelela imali yokusiza umndeni wowesifazane waKwaNongoma otholakale eseshonile eGoli.
UNqubeko uqale lo mkhankaso ngemuva kokuthi ethintwe mayelana nesimo somndeni, okuthiwa ububhekene nobunzima bokuthola imali yokuthutha isidumbu eGoli ukuze owesifazane abuyiselwe KwaNongoma ayongcwatshwa khona.
Kodwa-ke, uthi usethathe isinqumo sokuhoxa kulolu daba ngemuva kokuba izingane zalo wesifazane zimthintile.
“Odabeni lwalo wesifazane waKwaNongoma otholakale ebulewe eGoli, sengithi labo abebefisa ukusiza bayeke,” kusho uNqubeko.
Uthe ngesikhathi ethula lolu daba, ubefuna nje ukusiza umndeni owawubhekene nenkinga yokuthutha isidumbu.
“Ngifake udaba ngemuva kokuthintwa ngokuthi umndeni awukwazi ukumlanda eGoli futhi udinga uxhaso. Zavele izingane zakhona zeza ku-inbox yami, zakhwela zadilika,” kusho yena.
UNqubeko uthi ngemuva kwalokho uthathe isinqumo sokuthi labo abebefisa ukusiza bayeke ukunikela ngalolu daba.
“Ngibe sengithatha isinqumo sokuthi labo abangithintile befuna ukusiza bayeke. Sesiphumile kulolu daba, njengoba kusho izingane zakhona,” kusho uNqubeko.
Uphinde wacacisa ukuthi abantu abebehlose ukufaka isandla ngalolu hlelo akumele baqhubeke nokuthumela imali kuye, njengoba esehoxile kulolu daba.












Leave a Reply