UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

INDODAKAZI KAZUMA ITHI YANGENA NGEPHUTHA KWI MK PARTY FUTHI IBUKUZONDA UKUBA SEPHALAMENDE

UDuduzile “Dudu” Zuma-Sambudla usephumele obala ngokungakuthandi kwakhe ukuba kwezombusazwe, ezichaza njengomuntu owagcina esengusopolitiki engazange akuhlelele lokho empilweni yakhe.

UDudu uveze lokhu ngesikhathi exoxisana noDkt Sizwe Mpofu-Walsh ohlelweni iSMWX, lapho ekhulume khona ngohambo lwakhe lwezepolitiki, ubudlelwano bakhe noyise, owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma, kanye nokubandakanyeka kwakhe ekusungulweni kweqembu loMkhonto weSizwe (MK Party).

Uthe isikhathi asichitha ePhalamende sasingesona asithandayo, wagcina esesulile esikhundleni kulandela umsindo owadalwa yizinkulumo eziphathelene neRussia.

Naphezu kokuba ngobunye bobuso obubonakale kakhulu ngesikhathi kusungulwa iMK Party, uDudu ugcizelele ukuthi akakaze abe nesikhundla esisemthethweni kuleli qembu.

Uthe umsebenzi wakhe bekuwukusiza uyise, hhayi ukufuna izikhundla zezombusazwe.

UDudu uphinde wakhuluma ngempikiswano eyavela ngokuthi uxoshwe kwiMK Party, wathi ukholelwa ukuthi wayeyisisulu somkhankaso wokumhlasela ngaphakathi eqenjini.

Uveze ukuthi kunabantu angababoni kahle abasebenza ngaphakathi eqenjini, abasola ngokudukisa uyise, uJacob Zuma. Uphinde wakhuluma ngodaba lokususwa komkhulumeli weqembu.

Echaza ngokusungulwa kweMK Party, uDudu uncome ikhono likayise lokuhlela amasu ezepolitiki, emchaza njengomuntu okwazi ukucabanga kusenesikhathi nokuhlela iminyakazo yakhe njengomdlali we-chess.

Uphinde wathi ukholelwa ukuthi leli qembu laphucwa amavoti amaningi kunalawo elawathola okhethweni lwango-2024.

UDudu uphinde wakhuluma ngomfowabo, uDuduzane Zuma, kanye nezifiso zakhe kwezepolitiki.

Uphinde wakhumbula impilo yomndeni wakwaZuma ngesikhathi behlala ekudingisweni eMozambique, eZambia naseZimbabwe.

Akayishiyanga ngaphandle i-African National Congress (ANC), ayigxeke ngokwehla kwayo kwezepolitiki. Uveze nokuthi ukholelwa ukuthi ingqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC eyayingo-2017 yathengwa.

Uphinde wazwakalisa ukungahambisani kwakhe noHulumeni Wobumbano Lukazwelonke (GNU).

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *