Abashayeli bezimoto bayaxwayiswa ngokungazizibi izimpawu ezikhombisa ukuthi izimoto zabo zinezinkinga, njengoba ukungazinaki kungaholela ekulimaleni okukhulu kwemoto, izindleko eziphezulu zokuyilungisa noma ezingozini zomgwaqo.
Ochwepheshe bezokulungiswa kwezimoto bahlale begcizelela ukubaluleka kokuhlolwa kwemoto njalo, ngisho noma umshayeli engakaboni nkinga enkulu.
Ezinye zezimpawu okufanele umshayeli aziqaphele ukukhanya kwamalambu ayisixwayiso kudeshibhodi yemoto.
Ilambu elixwayisa ngenkinga yenjini, elaziwa nge-check engine, lingakhombisa izinkinga ezahlukene, kusukela kwezincane kuya kwezidinga ukulungiswa ngokushesha.
Uma imoto iqala ukwenza umsindo ongajwayelekile, ikakhulukazi uma ibhuleka, ijika noma isheshisa, kungaba uphawu lokuthi kunezingxenye ezingasasebenzi ngendlela efanele.
Amabhuleki nawo abalulekile ekuphepheni komshayeli nabagibeli. Uma imoto ithatha isikhathi eside ukuma, ibhuleki lizwakala lithambile ngokungajwayelekile noma kuzwakala umsindo lapho kubhulekwa, kubalulekile ukuthi ihlolwe ngokushesha.
Enye inkinga okufanele iqashelwe ukushisa ngokweqile kwenjini. Uma isikali sokushisa sikhuphuka ngendlela engajwayelekile noma kuvela isixwayiso sokushisa, umshayeli kufanele ame endaweni ephephile, acime injini futhi ayiyeke iphole.
Akufanele avule isivalo serediyetha ngesikhathi injini isashisa.
Ukuphuma kwentuthu eningi noma engajwayelekile epayipini lokukhipha intuthu nakho kungaba yinkomba yenkinga edinga ukuhlolwa.
Abashayeli bayelulekwa ukuthi bangalindi kuze kube yilapho imoto ingasakwazi ukuhamba ngaphambi kokuyisa kumakhenikha.
Ukuhlola amathayi, uwoyela wenjini, amabhuleki nezinye izingxenye ezibalulekile kungasiza ekutholeni izinkinga kusenesikhathi.
Khumbula: Ukunakekela imoto yakho akugcini ngokukongela imali, kodwa kusiza nasekuvikeleni impilo yakho neyabanye abasebenzisi bomgwaqo.
















Leave a Reply