Zingaphezu kuka-20 000 izimoto zakwaChery ezibuyiselwa kubakhiqizi bazo eNingizimu Afrika kulandela ukutholakala kwezinkinga ezingase zibeke impilo yabashayeli nabagibeli engozini.
INational Consumer Commission (NCC) imemezele ngoLwesibili, 10 Novemba 2026, ukuthi izimoto zakwaChery ezingu-20 982 zithintekile kulolu hlelo lokubuyiselwa kwezimoto ukuze zihlolwe futhi zilungiswe.
Lezi zimoto kubalwa kuzo ezingu-17 508 zohlobo lweChery Tiggo 4 kanye nezingu-3 474 zohlobo lweChery Tiggo 8 Pro Max 2.0.
NgokweNCC, izimoto zeTiggo 4 ezithintekile yilezo ezathengiswa eNingizimu Afrika phakathi kuka-17 Okthoba 2023 no-27 Mashi 2024.
Kusolwa ukuthi ezinye zalezi zimoto zinenkinga yokushiselwa kwezinsimbi ezingxenyeni ezibamba i-axle yangemuva, okuyingxenye ebalulekile ekusebenzeni kwamasondo angemuva.
Le nkinga ingaholela ekutheni i-axle ixegise noma iphume endaweni yayo, okungadala ukuthi ingxenye ebamba amasondo angemuva ingasasebenzi ngendlela efanele.
Lokhu kungabangela umshayeli ukuba ahluleke ukuyilawula kahle imoto, kwandise amathuba engozi.
Kusenjalo, iNCC iveze ukuthi izimoto ezingu-3 474 zohlobo lweChery Tiggo 8 Pro Max 2.0, ezakhiwe kusukela ngo-20 Meyi 2026, nazo ziyabuyiselwa ngenxa yenkinga ehlukile.
Kulezi zimoto kusolwa ukuthi ipayipi elihambisa uwoyela wamabhuleki lingathintana nengxenye yenjini ebizwa nge-turbocharger.
Lokhu kungadala ukuguga kwaleli payipi nokuvuza kukawoyela wamabhuleki, okunganciphisa amandla emoto okumisa uma umshayeli ebhuleka.
INCC ixwayise ngokuthi le nkinga ingandisa ibanga elidingekayo ukuze imoto ime, okungaholela ezingozini ezibucayi, ukulimala kwabantu noma ukufa.
Abanikazi balezi zimoto banxuswa ukuba bahlole ukuthi izimoto zabo ziyathinteka yini kulolu hlelo, besebenzisa inombolo yemoto eyaziwa ngeVehicle Identification Number (VIN).
Bangaphinde bavakashele amagaraji agunyazwe ngabakwaChery ukuze izimoto zabo zihlolwe.
Konke ukulungiswa okudingekayo ngaphansi kwalolu hlelo kuzokwenziwa mahhala.
Khonamanjalo, iNCC iveze ukuthi isiqale nolunye uphenyo olubhekene nabakwaChery, kulandela izinsolo zokuthi inkampani yake yabuyisela ezinye izimoto ngaphandle kokwazisa lesi sikhungo njengokudingwa yimithetho.
Lolu phenyo lwaqala ngo-Okthoba 2026 futhi lusaqhubeka.
IPhini likaKhomishana elibambe lesi sikhundla kwiNCC, uHardin Ratshisusu, linxuse abanikazi bezimoto ukuba bangazishayi indiva lezi zexwayiso.
Abashayeli bangahlola imininingwane ku-www.chery.co.za/owners-area noma baxhumane namagaraji akwaChery agunyaziwe.
















Leave a Reply