Ukusala emuva ngesitolimende semoto kungakufaka enkingeni enkulu, kodwa lokho akusho ukuthi ibhange selingavele lithathe imoto yakho ngaphandle kokulandela imigudu yomthetho.
Baningi abantu baseNingizimu Afrika abathenga izimoto ngesikweletu, kodwa ngenxa yokulahlekelwa yimisebenzi, ukukhuphuka kwezindleko zokuphila noma ezinye izinkinga zezimali, bagcine bengasakwazi ukukhokha izitolimende zabo.
Ngaphansi komthetho iNational Credit Act, umthengi unezindlela ezithile zokuzama ukulungisa isimo ngaphambi kokuba udaba lufinyelele enkantolo.
IBHANGE ALIKWAZI UKUVELE LITHATHE IMOTO NGENDLELA ELITHANDA NGAYO
Uma umthengi esalele emuva ngezinkokhelo, umbolekisi angamthumelela isaziso esaziwa ngeSection 129 Notice, esimazisa ngokwephulwa kwesivumelwano futhi simnike ithuba lokufuna usizo noma ukuxazulula inkinga.
Ngokuvamile, ibhange alikwazi ukuthatha imoto ngenkani ngaphandle komyalelo wenkantolo. Nokho, umnikazi angayibuyisela ngokuzithandela ngokulandela inqubo esemthethweni.
Uma kufika umuntu ezothatha imoto, kubalulekile ukucela ubufakazi bokuthi ugunyaziwe ukwenza lokho.
UNGAKWAZI UKUKHOKHA? KHULUMA NEBHANGE
Ochwepheshe bezikweletu bakhuthaza abathengi ukuthi baxhumane namabhange abo ngokushesha uma bebona ukuthi ngeke bakwazi ukukhokha.
Kwezinye izimo, ibhange lingavuma ukuxoxisana ngokuhlelwa kabusha kwezinkokhelo, nakuba lingaphoqelekile ukwamukela zonke izicelo.
Umthengi angaphinde afune usizo kumeluleki wezikweletu obhaliswe neNational Credit Regulator ukuze kubhekwe ukuthi uyafaneleka yini ukungena ohlelweni lwe-debt review.
UKUTHATHWA KWEMOTO AKUSHO UKUPHELA KWESIKWELETU
Okunye abantu abaningi abangakuqondi ukuthi uma imoto ithathwa bese idayiswa, imali etholakele ingase ingasikhokhi sonke isikweletu.
Uma imoto idayiswe ngemali engaphansi kwaleyo esele, umthengi angase aqhubeke nokukweleta ibhange umehluko, kanye nezindleko ezisemthethweni ezivumelekile.
Uma kutholakala imali engaphezu kwesikweletu nezindleko ezifanele, imali esele kufanele ibuyiselwe kumthengi.
YINI OKUFANELE UYENZE?
Ungazizibi izincwadi ezivela ebhange noma enkantolo. Gcina amarekhodi ezinkokhelo zakho, ufunde noma yimaphi amadokhumenti ngaphambi kokuwasayina futhi ufune usizo lwezomthetho uma usongelwa ngokuthathelwa imoto ngendlela engafanele.
Khumbula: Ukusala emuva ngezitolimende akusho ukuthi usulahlekelwe yiwo wonke amalungelo akho. Kodwa ukuthatha izinyathelo kusenesikhathi kungakusiza ugweme izindleko ezinkulu nokulahlekelwa yimoto.
















Leave a Reply