KUPHELE I – “STRESS” KWABA INJABULO KUPHELA OWEZWI LOMZANSI FM EQOKELWA KOWE BEST ON-AIR PERSONALITY

Umsakazi wohlelo lwasekuseni i-Imbizo Breakfast Show, olusakazwa ku-Izwi LoMzansi FM, uMxolisi ‘Stressless’ Mhlongo, akakwazi ukufihla injabulo kulandela ukuqokelwa indondo kumaTelkom Radio Awards ka-2026.

UMhlongo, ongowokuzalwa eNanda, enyakatho yeTheku, ungomunye wabasakazi abayisikhombisa abaqokelwe indondo emkhakheni we-Best On-Air Personality eziteshini zemisakazo yomphakathi.

Lo msakazi, osezakhele igama ngokwethula uhlelo i-Imbizo Breakfast Show, uzobanga le ndondo nabanye abasakazi abavela eziteshini ezahlukene zakuleli.

Ukuqokwa kwakhe kule miklomelo kuyingqophamlando kuye njengoba ezithola esebalwa nabasakazi abahlonishwayo emkhakheni wezokusakaza eNingizimu Afrika.

Ezwakalisa injabulo yakhe ezinkundleni zokuxhumana, uMhlongo uthe akakholwa ukuthi umfana waseNanda, owakhula ethanda umsakazo, usefinyelele kuleli zinga.

“Being nominated at the Telkom Radio Awards for Community On-Air Personality is a big achievement for me. Umfana nje waseNanda ongazilutho ozithandela iRadio,” kubhala uMhlongo.

Uqhube wathi ubonga kakhulu ngaleli thuba, ehambisana namazwi akhe nezithombe ezikhombisa indlela athinteke ngayo ngokomzwelo.

Ukuqokwa kukaMhlongo kumbeka embangweni nabanye abasakazi okubalwa kubo uSizo Dosi noBobz baseKumkani FM, uYonela Gidi waseNqubela FM, uSaziso Dlamini waseRadio Khwezi, uOlwethu Ndabankulu waseTambo FM kanye noChuma Mdeuka waseVukani Community Radio.

Lo mkhakha ungomunye wemikhakha eqhakambisa ikhono labasakazi abasebenza emisakazweni yomphakathi, okuyiziteshi ezibamba iqhaza elibalulekile ekusabalaliseni ulwazi, ekufundiseni nasekujabuliseni abalaleli.

Ukuqokwa kukaMhlongo kuphinde kubeke i-Izwi LoMzansi FM, engomunye wemisakazo yomphakathi eyaziwayo KwaZulu-Natal, emehlweni emboni yezokusakaza kuleli.

Kulo nyaka, umncintiswano we-On-Air Personality uphinde uhlanganise amagama amakhulu embonini yezokusakaza, nakuba eqhudelana emikhakheni ehlukene.

Emisakazweni ezimele kuqokwe u-Anele Mdoda we-947, uMartin Bester weJacaranda FM, uDarren Simpson noCarl Wastie be-KFM 94.5 kanye noRobert Marawa weRise FM.

Emisakazweni yomphakathi engaphansi kwe-SABC, okubizwa nge-PBS, kuqokwe noKhathide Ngobe woKhozi FM, uPastor The DJ noLuks Gidane boMhlobo Wenene FM, kanye noTembe​la King Booi noSlujah Bunu be-truFM.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *