Sekushube kakhulu odabeni lomculi odumile uLwah Ndlunkulu kulandela ukuthi inkampani yomculo i-Inkabi Records ikhiphe isitatimende esiphikisa izinsolo ezibhekiswe kuyo, yaphinde yaveza ukuthi lo mculi uthola usizo lochwepheshe bezempilo.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi uLwah eveze ukuthi kunabantu abazama ukumakhela igama elibi embonini yomculo ngokuthi unenkinga yengqondo, ngenhloso yokuthi ezinye izinkampani zomculo zingafuni ukusebenzisana naye uma eshiya i-Inkabi Records.
Esitatimendeni esifakwe ekhasini layo le-Instagram, i-Inkabi Records ithi sekuphele izinyanga ezimbili isebenzisana nomndeni kaLwah ukuqinisekisa ukuthi uthola usizo lwezempilo oludingekayo.
Le nkampani ithi njengamanje lo mculi uthola ukunakekelwa ochwepheshe esikhungweni sezempilo esihlinzeka ngezinsiza zokululama nokuvuselela impilo.
Ithi lesi sikhungo sakhethwa ngokubonisana nomndeni wakhe, kanti zonke izindleko zokwelashwa kwakhe zikhokhelwa yi-Inkabi Records.
Okugqame kakhulu kulesi sitatimende ukuthi inkampani ithi ngokwemiphumela yokuhlolwa kanye nokuhlaziya kukadokotela, uLwah ubhekene nesimo sezempilo yengqondo esibizwa nge-psychosis.
Lesi yisimo esingaphazamisa indlela umuntu abona, acabanga noma aqonda ngayo okwenzeka eduze kwakhe.
Nokho, lokhu okwashiwo yi-Inkabi Records akukakaqinisekiswa ngokuzimela yi-Umsakazo News Network, kanti noLwah akakaphenduli esidlangalaleni kulesi sitatimende.
Lesi sitatimende silandela izinsolo ezivezwe ohlelweni i-Podcast and Chill with MacG ngoMsombuluko, lapho omunye wabadidiyeli balolu hlelo, uDudu, eveze ukuthi uthintwe nguLwah efuna ukuza ohlelweni azoziphendulela ngezinto ezikhulunywa ngaye.
Ngokusho kukaDudu, uLwah uphike ukuthi unesifo sengqondo njengoba kusabalele izinsolo zokuthi ungeniswe esikhungweni sokwelapha abantu abanezinkinga zengqondo.
ULwah usole ukuthi kunabantu abazama ukumveza njengomuntu ongaphilile kahle engqondweni ngenxa yezinhlelo zakhe zokushiya inkampani yomculo.
” Bafuna ukungenza ngibukeke njengomuntu ohlanya ukuze kungabikho nkampani yomculo ezongisayina noma abantu abafuna ukusebenza nami embonini,” kusho uLwah ngokwalokho okwethulwe nguDudu kulolu hlelo.
Inkabi Records iphinde yaphendula izinsolo ezimayelana nezivumelwano zenkontileka kanye nezimali zikaLwah.
Ithi zonke izivumelwano zayo nalo mculi zenziwe ngendlela efanele futhi ngokuhambisana nemigomo yenkontileka yabo.
Le nkampani iveze nokuthi umakadebona kwezomculo, uDkt Sipho Sithole, ongumnikazi weNative Rhythms futhi ongumkhulu kaLwah, ubelokhu enolwazi ngobudlelwano bomsebenzi nezivumelwano zenkontileka phakathi kukaLwah ne-Inkabi Records kusukela ekuqaleni komsebenzi wakhe.
Ithi inobudlelwano obuhle nobusobala noSithole.
Ngemuva kokusakazwa kwesiqephu se-Podcast and Chill with MacG, umculi uMduduzi Ncube, owahlukana ne-Inkabi Records ngonyaka odlule, naye uphawule ngalolu daba.
UNcube uveze ukuthi ngesikhathi eshiya le nkampani wagxekwa ngabantu ababemsola ngokungabongi.
“Nakho-ke. Nangithuka ngesikhathi ngishiya le nkampani nithi angibongi. Ngeke sonke sibe sihamba ngesikhathi esisodwa. Ngiyethemba manje seniyabona ukuthi inkinga akusithina,” kusho uNcube.
Amazwi akhe asephinde avusa imibuzo ngobudlelwano phakathi kwe-Inkabi Records nabaculi asebeke basebenza ngaphansi kwayo.
I-Inkabi Records inxuse abezindaba nomphakathi ukuthi bangasabalalisi izinsolo ezingakaqinisekiswa, iphinde yacela ukuthi umndeni kaLwah uhlonishwe kulesi sikhathi.
Le nkampani ithi ngeke idalule eminye imininingwane ephathelene nempilo nokwelashwa kwalo mculi ngaphandle kwemvume yomndeni wakhe.
Iphinde yacela umphakathi ukuthi ukhulekele ukululama kwakhe.

















Leave a Reply