UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

Advertisement

KULAMULE USELBEYONCE I-EAST COAST RADIO INABISA IGAGASI FM

UMZUKULU KAMHLANGANYELWA 

Impi yokubanga ubukhosi bomsakazo KwaZulu-Natal iphele nomnqobi ocacile, kodwa lempi iphinde yaklomelisa indlovukazi entsha yomsakazo.

Emiklomelweni ye-Best of Durban Readers’ Choice Awards, iziteshi ezimbili ezinkulu KwaZulu-Natali, i-East Coast Radio neGagasi FM, zibhekane zodwa emncintiswaneni obulandelwe ngabomvu abalaleli bomsakazo kulesifundazwe.

I-East Coast Radio iphume phambili ngemuva kokunqoba umklomelo omkhulu we-Best Local Radio Station, yaqinisekisa ukuthi isaqhwakele esihlalweni sobukhosi emsakazweni yaseKZN. 

Uhlelo lwayo lwasekuseni, i-East Coast Breakfast, luphinde lwahlabana ngomklomelo we-Best Local Radio Show, okukhombisa ukuthi lusengolukhethwa yizinkulungwane zabalaleli ukuqala usuku lwazo.

Nokho, iGagasi FM nayo ayiphumanga izandla zilambatha.

Yize isiteshi sigcine sisendaweni yesibili emkhakheni we-Best Local Radio Station, izihlabani zaso zikhombise amandla emiklomelweni yabasakazi. 

Umsakazi odume kakhulu, uSelbeyonce Mkhize, untshontshe umbukiso ngokunqoba umklomelo we-Best Local Radio Personality, waqinisekisa ukuthi ungomunye wabasakazi abathandwa kakhulu eThekwini nase KZN.

Uzakwabo, uFelix Hlophe, naye wenze kahle ngokuthatha indawo yesibili kulo mkhakha.

Uhlelo lwakhe lwasekuseni, i-The Uprising, alwethula noMinnie Ntuli, luthole indawo yesibili emkhakheni we-Best Local Radio Show, kwathi i-Gagasi Fast Lane, ephethwe uSPHEctacula, uSelbeyonce noDJ Naves, yagcina isendaweni yesithathu.

Le miphumela isiphinde yavusa umbango omkhulu phakathi kwalezi ziteshi ezimbili ezinkulu zaseThekwini. 

Yize i-East Coast Radio kube yiyona ehamba phambili ngokunqoba imiklomelo emikhulu yesiteshi nezinhlelo, kodwa ukunqoba kukaSelbeyonce kuqinisekise ukuthi umsakazo iGagasi FM nawo unesizathu esikhulu sokugubha njengoba usikhiqize umsakazi othandwa kakhulu eThekwini.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *