UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

Advertisement

SEKUKHUZWE UJUMBO NGOKU LALELA USOMIZI OWAHLULA UNKULUNKULU

UMZUKULU KAMHLANGANYELWA 

Umculi weGospel odume ngelika Jumbo useshiye abantu bekhuluma ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuthola isexwayiso esishaqise abaningi komunye wabalandeli bakhe.

Lokhu kulandela ukuthi uJumbo eveze ukuthi ukusebenza kwakhe kwiDundee July kumvulele amathuba amasha. 

Uthe ngemuva kokushisa inkundla ngalolu suku, uthole isimemo sokuyocula emcimbini kaSomizi ozokuba seGoli, iSomizi’s Shades of Pink.

UJumbo uthe uSomizi umhalalisele kakhulu ngomsebenzi wakhe, wamncoma ngendlela adlala ngayo esiteji.

“Nazi izithelo zokusebenza kahle kwami kwiDundee July. USomizi uthe, ‘Mfana muhle umsebenzi wakho. Nathi sifisa ukubona lokhu okwenzayo estage. I-performance yakho kwiDundee July was lit. Usiphiwo sakho sihle mfwethu,'” kubhala uJumbo.

Abalandeli abaningi bamhalalisele, bethi usevuna izithelo zomsebenzi wakhe. Kodwa kwavela omunye ophose amazwi adale umsindo ezinkundleni zokuxhumana.

“Jumbo ungajwayeli ukulalela uSomizi kakhulu wahlula uNkulunkulu. Lowo wathi akabe indoda yena wathi ngeke ayenze leyo nto, uzoba umfazi,” kubhala lo mlandeli.

Lawo mazwi ashiye abaningi bemangele. Abanye bathi lo mlandeli useqe umngcele, kanti abanye bagcine behleka nje, bethi abantu bayakwazi ukubhala noma yini ezinkundleni zokuxhumana.

Kuze kube manje uJumbo akakaphenduli kulesi sexwayiso.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *