Sekuphinde kwashuba impi yamazwi phakathi kukaNgizwe Mchunu noKhuzani Mpungose, njengoba uMacingwane esegxeke lo mculi kaMaskandi emsola ngokusabalalisa amanga okuthi nguyena owabangela ukumiswa kweBhinca Nation Podcast.
UNgizwe, obedinwe egane unwabu ngesikhathi ekhuluma ohlelweni iPodcast and Chill with MacG, uthe usekhathele yimizamo kaKhuzani yokungcolisa igama lakhe nokumehlisa isithunzi emphakathini.
Lo msakazi owazakhela udumo oKhozini FM uthe sekukaningi uKhuzani ezama ukumketula, kodwa yonke leyo mizamo igcina ibhuntshile.
“Lo muntu kade ezama ukungcolisa igama lami. Akukho akutholayo, manje usebona kungcono asebenzise abantu abeza kuyena bethi bangamakhosikazi ami engingabazi,” kusho uNgizwe.
UMacingwane uthe akulona iqiniso ukuthi uKhuzani nguyena owavala iBhinca Nation Podcast, wathi isinqumo sokumiswa kwalolu hlelo saxoxwa phakathi kwabathintekayo.
“Sahlala phansi saxoxa ngokumiswa kweBhinca Nation, kusahlelwa indlela eya phambili. Akayeke ukuhamba ehubhuza amanga ethi nguyena owavala ipodcast,” kusho uNgizwe.
Ukuphika kukaNgizwe ukuthi uKhuzani unesandla ekumeni kwalolu hlelo kuhambisana nencazelo eyake yanikezwa nguMacG, ongumnikazi wePodcast and Chill.
UMacG wachaza ukuthi iBhinca Nation Podcast ithathe ikhefu ekukhiqizweni kwayo, okwaziwa nge-production break, ngenxa yezinselelo eziphathelene nezindleko zokuqopha lolu hlelo eThekwini.
Ngokwemibiko eyaphuma ngaleso sikhathi, izindleko zokukhiqiza lolu hlelo eThekwini zaziphezulu, njengoba ithimba lePodcast and Chill lisebenza kakhulu eGoli.
UMacG waveza ukuthi kusabhekwa amathuba okuthola umxhasi ozokwazi ukweseka ukukhiqizwa kwalolu hlelo ukuze luqhubeke.
Kuphinde kwavela ukuthi isikhathi sokusakaza ebesibekelwe iBhinca Nation, ngo-20h00, sasizohlelwa kabusha ngesikhathi lolu hlelo lusamile.
Lokhu kuchaza ukuthi ukumiswa kweBhinca Nation kuhlobene nezindleko zokukhiqiza kanye nezinhlelo zokusebenza, kunokuba kube nesinqumo sikaKhuzani sokuluvala.
Impi yamazwi phakathi kukaNgizwe noKhuzani ayiqali namuhla.
Ngo-Okthoba nonyaka, uKhuzani waphumela obala nezinsolo ezinzima zokuthi uNgizwe washaya owesifazane athi ungumama wengane yakhe, waze wadinga ukwelashwa esibhedlela.
Ngokwemibiko eyashicilelwa ngaleso sikhathi, uKhuzani wathi lona wesifazane wamthinta ezinkundleni zokuxhumana ecela usizo, emtshela ngezinsolo zokuhlukunyezwa kwakhe.
Lo mculi wathi unobufakazi obuhlanganisa i-video ayithunyelelwa yilona wesifazane, athi ikhombisa ukulimala kwakhe.
UKhuzani waphinde waphika ukuthi nguyena owagqugquzela lona wesifazane ukuba avulele uNgizwe icala ukuze aboshwe.
Wathi wayengamazi lona wesifazane ngaphambi kokuba amthinte ecela usizo.
Nokho, lezi zinsolo zokushaywa kowesifazane azikaqinisekiswa ngokuzimela, futhi ubufakazi uKhuzani athi unabo abukafakazeli ukuthi uNgizwe wenza icala.




















Leave a Reply