UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

Advertisement

UMZANSI UTHI AWUFUNI NOKUYIZWA INGOMA YOMCULI AKAYIDLALELE AMAKWEREKWERE

UMZUKULU KAMHLANGANYELWA 

Umculi we-hip hop nomlingisi odumile, uMxolisi “Zuluboy” Majozi, ususe umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokukhipha ingoma yakhe entsha ethi Freedom ngoSuku LukaNelson Mandela.

Le ngoma ibuyisa uZuluboy emculweni ngemuva kweminyaka emibili engakhiphi lutho. 

Umlayezo wayo ugxile enkululekweni, ubunye base-Afrika, ithemba kanye nokuhlonishwa kwesithunzi somuntu.

Kodwa-ke, esikhundleni sokunconywa, abaningi ezinkundleni zokuxhumana bayigxekile le ngoma. 

Omunye ubhale wathi: “Awusyeke mfethu, si busy as a country fighting illegals.” Omunye uthe: “Tshela amaNigeria akweseke.” Kanti omunye ubhale wathi: “Yithumele eMalawi, eNigeria naseZimbabwe.”

Lawazwi afike ngesikhathi izwe libhekene nenkulumompikiswano eshubile mayelana nokungena kwabantu ngokungemthetho, ukuntuleka kwemisebenzi kanye nokukhuphuka kwezindleko zokuphila.

 Abanye bathi umlayezo wobunye base-Afrika awuhambisani nesimo ababhekene naso njengamanje.

Yize kunjalo, kukhona nabasavikela uZuluboy, bethi usenegalelo elikhulu emculweni we-hip hop eNingizimu Afrika futhi unelungelo lokuveza umbono wakhe ngomculo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *