UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

Advertisement

UDJ TIRA UTHEMBISE UMLANDELI ULABHABHA WEMPAMA!

UMZUKULU KAMHLANGANYELWA 

Umculi nomdidiyeli womculo odumile, uDJ Tira, ushiye abantu baseNingizumu Africa belandele ngemuva kokuthi ethembise umlandeli ULABHABHA wempama .

Umphathi we-Afrotainment ufake umbuzo olula kuFacebook wathi:

 “Uph’ umahamba yedwa?”

Lo mbuzo uhehe izinkulungwane zabantu abawuphendulile nabawuthandile. Omunye wabalandeli, uThabo Tembe, uthathe ithuba lokumhlambalaza.

UThabo ubhale wathi:

 “Asikakhohlwa ukuthi wen’ walala noDJ Hlo.”

Esikhundleni sokungamnaki, uDJ Tira uphendule ngokushesha ngamazwi ahlekise abaningi.

Uphendule wathi:

 “Ngizokuhlaba ngempama kuqhashe ifinyila.”

Le mpendulo isabalale ngokushesha ezinkundleni zokuxhumana, lapho izinkulungwane zabantu ziveze ukuhleka kwazo ngamareaction nama-comments.

Abaningi bathe uDJ Tira ubonise ukuthi uyakwazi ukuphendula abagxekayo ngendlela ehlekisayo, kanti abanye bahlekise ngokuthi lo mlandeli cishe ubengalindele ukuthi uzophendulwa ngqo.

Nakuba le ngxoxo ibiyingxoxo yokuncokola ezinkundleni zokuxhumana, isiphinde yenza uDJ Tira waba sematheni njengoba abantu beqhubeka nokwabelana ngesithombe sale ngxoxo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *