UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Abalandeli boMaskandi bashaqekile ngemuva kokuba iNkosi yoMaskandi, uKhuzani Mpungose, iveze ukuthi isiyabona sekuyisikhathi sokuhoxa ekuhleleni imicimbi yayo emikhulu.
Lo mculi odume ngokugcwalisa izinkundla uthe izinhloso zakhe ngokuhlela ama-event sezifezekile. Uthe ngesikhathi eqala wayefuna ukukhuthaza amanye amaciko ukuthi abe nesibindi sokuzihlelela imicimbi yawo kunokuhlale ethembele kwabanye abagqugquzeli.
UKhuzani uthe waqala lolu hambo ngesibindi, kwathi ngesikhathi egcwalisa iMoses Mabhida Stadium ngo-2019, lokho kwaba ubufakazi bokuthi umculo kaMaskandi ungakwazi ukuheha izixuku ezinkulu. Uthe le mpumelelo ayigcinanga ngokumkhulisa kuphela, kodwa yabuye yabuyisa ithemba ngokuma komculo wesiNguni.
“Ngingomunye wabaculi abafuna ukubonisa ukuthi lokhu kuyenzeka. Uma usulishayile igoli, awuhlali nalo enethini, uyaphuma uyoligubha,” kusho uKhuzani.
Nakuba eshilo ukuthi uhlela ukuyeka ukuhlela imicimbi yakhe ngesikhathi esifanele, uveze ukuthi ufisa iBlue Nation Festival iqhubeke nokuba ngumcimbi waminyaka yonke ozohlanganisa amalungu nabalandeli beBlue Nation.
Lo mculi uphethe ngokubonga abalandeli bakhe ngokumeseka kuyo yonke le minyaka, wathi unethemba lokuthi bazoqhubeka behambisana naye nakuzo zonke izinhlelo zakhe zesikhathi esizayo.
Yize abantu abaningi beshaqekile ngalesitatimende kodwa basamukele isinqumo sikaKhuzani.












Leave a Reply