UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

OWADUMA NGOMAMPINTSHA USEQEDE AMANGA ABAHLELI BOMCIMBI

Abalandeli basale bethukuthele ngemuva kokuthi uDJ nomdidiyeli womculo odumile uSkillz engafikanga emcimbini i-iPotsoyi ka Veegito (5th Annual) obuseDutywa ngoMgqibelo.

Emuva kwalesi sigameko loDJ owaduma kakhulu ngokusebenza no Mampintsha, ngesitatimende esikhishwe inkampani emngamele, iSupreme Music Group useqede abahleli balomcimbi amanga.

Esitatimendeni esisemthethweni esikhishwe egameni likaSkillz, le nkampani ithe lo DJ wayeqashwe ngempela ukuba azonandisa ngabahleli bomcimbi, iVeegito Music

Nokho, kuthiwa izinto zabhidlika ngesikhathi abahleli behluleka ukufeza izimfuno nezibopho okwakuvunyelwene ngazo nalo DJ.

Lesi sitatimende siphinde saveza ukuthi ukuvela kukaSkillz kwakhanselwa ngabahleli bomcimbi, hhayi ukuthi umculi wazikhethela ukungayi.

Okudale ukudideka kakhulu ukuthi indawo yomcimbi kuthiwa yashintshwa isuka e-Urban Village Lounge e-Idutywa yayiswa e-Enkwarini, kwaphoqa abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana ukuthi bacabange ukuthi uSkillz ubazibe ngamabomu.

ISupreme Music Group igcizelele ukuthi uSkillz akazange avele futhi wayengeke neze anandise kulomcimbi ngemuva kokubhidlika kwesivumelwano.

Le nkampani iphinde yaxolisa kubalandeli ababebheke ngabomvu ukumbona esiteji, yathi iyakuqonda ukudumala okubangelwe ukukhanselwa kungazelelwe.

Le ndaba isidale inkulumo eshubile ezinkundleni zokuxhumana, lapho abanye besola abahleli ngokungahleleki kahle, kanti abanye bebuza ukuthi kungani le nkinga ingazange yaziswe kusenesikhathi.

Okwamanje, ithimba likaSkillz lithi lo DJ usazimisele ukujabulisa abalandeli bakhe futhi lithemba ukuthi umphakathi uzoyiqonda imbangela yalokhu kukhanselwa okubange umsindo omkhulu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *