UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

UMZANSI USATHUKILE NGESENZO SENYANGA YODUMO SOKU “NGONDLI” INGANE YAYO EGULAYO

Izinkundla zokuxhumana zivutha bhe kulandela izinsolo ezibekwe nguThando Mseleku mayelana nenyanga edumile kanye nomuntu ozongenela ukhetho lwekhansela le-MK Party, uDkt Khehlelezi.

UMseleku uthi ingane yabo ibisineminyaka icishe ibe mihlanu ingena iphuma esibhedlela ngenxa yokugula, kodwa usola ngokuthi ubaba wayo akabandakanyeki ngokwanele ekuyinakekeleni nasekuyisekeleni.

“Guys imagine umithele a Millionaire and still ingondli? 😭😭😭 what is going on batong?” kubhale yena.

Ochungechungeni lwemiyalezo yakhe, uMseleku uthe sekucishe kube iminyaka emihlanu ingane ibhekene nezinkinga zempilo, futhi usole ngokuthi uDkt Khekhelezi akabandakanyeki ngokwanele ekuyinakekeleni.

Lezi zinsolo zivuse inkulumompikiswano enkulu ku-inthanethi, abaningi baseNingizimu Afrika bezwakalisa ukudumala kwabo futhi benxusa obaba ukuthi bathwale izibopho zabo ezinganeni kungakhathaliseki isimo sabo semali noma udumo lwabo emphakathini.

Abanye bakhuthaze umphakathi ukuthi ungasheshi ukwahlulela, bethi lolu daba lubonakala luyindaba yomndeni yangasese nokuthi uDkt Khehlelezi akakaphenduli obala kulezi zinsolo.

Ngesikhathi kushicilelwa le ndaba, Umsakazo News Network ibingakakwazi ukuqinisekisa ngokuzimela izinsolo zikaMseleku, futhi imizamo yokuthola ukuphawula kukaDkt Khehlelezi ayiphumelelanga.

Le mpikiswano iqhubeka ngesikhathi uDkt Khehlelezi owaziwa kakhulu emkhakheni wezinyanga zendabuko futhi ephinde axhumane nemisebenzi yezepolitiki ehlobene ne-MK Party.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *