Umculi kamaskandi u Senzo Zondi, owaziwa ngelikaNtencane, usekhiphe incwadi yokuxolisa kubahleli bomcimbi weSouth African Music Awards (SAMA) ngemuva kokungakwazi ukuya emcimbini nokwenza ukuthi angakwazi ukucula obuhlelelwe kuMgqibelo esisuka kuwo
Encwadini ayibhalele ithimba lama-SAMA ngomhla ziyi-17 kuNcwaba wezi-2026, uNtencane uchaze ukuthi ukungabikho kwakhe kubangelwe ukushona nokungcwatshwa komfowabo, naye obeyiciko elidumile emculweni kamaskandi.
Lo mculi uthe ukucula kuma-SAMA bekuyiphupho lakhe kusukela esemncane futhi uzizwa ebonga ngokuthi wakhethwa ukuba ngomunye wabaculi abebezonandisa kulo mcimbi omkhulu womculo eNingizimu Afrika.
“Ngikhula, ukucula emcimbini wama-SAMA kwakungelinye lamaphupho amakhulu empilweni yami. Ngakho ngibonga kakhulu kini nakulo lonke ithimba ngokunginika ithuba lokuba ngomunye wabaculi ababezocula ngomhlaka-15 kuNcwaba 2026,” kubhala yena.
UNtencane uthe izimo ezidalwe ukushona komfowabo kanye nokungcwatshwa kwakhe ngosuku olufanayo nomcimbi, kanye nebanga phakathi kwalapho bekunomngcwabo khona nendawo yomcimbi, kwenze kwaba nzima ukuba akwazi ukufika.
“Ngibhala le ncwadi ngixolisa ngokweqiniso ngokungakwazi ukuya nokucula ngosuku lwemiklomelo. Ngalolo suku sasibhekene nokushona kanye nokungcwatshwa komfowethu, naye ongumculi odumile kamaskandi,” kusho yena encwadini.
Lo mculi uvumile ukuthi ukungabikho kwakhe kube nomthelela ohlelweni lomcimbi futhi waxolisa kubahleli, egcizelela ukuthi isinqumo sokungayi asithathwanga kalula.
Uphinde wagcizelela ukuhlonipha kwakhe ama-SAMA kanye nabo bonke abawuhlelayo lo mcimbi, eveza nesifiso sokuthi lokhu okwenzekile kungalimazi ubudlelwano bokusebenza phakathi kwakhe nabahleli.
“Ngiyabazisa kakhulu ubudlelwano bethu bokusebenza futhi nginethemba lokuthi lesi simo ngeke sithikameze amathuba ethu okuqhubeka nokusebenzisana esikhathini esizayo,” kusho yena.
Ama-SAMA athathwa njengomcimbi ohamba phambili wokuklomelisa abaculi eNingizimu Afrika, ahlanganisa amaciko avelele ezinhlotsheni ezahlukene zomculo.











Leave a Reply