UMSAKAZO NEWS NETWORK wethula isigaba esisha sezokungcebeleka esibizwa nge-ZIKHIPHANI?, esizoletha kubafundi ulwazi lwemicimbi yomculo, amakhonsathi, amafestivali, imibukiso yosomahlaya kanye neminye imicimbi yobumnandi eyenzeka ezindaweni ezahlukene eNingizimu Afrika.
Lesi sigaba sihloselwe ukusiza abathandi bezokungcebeleka ukuba bahlale benolwazi ngokuthi kwenzekani, kuphi, nini nokuthi obani abazobe benandisa.
Nakuba iZIKHIPHANI? izobheka imicimbi ezweni lonke, izogxila kakhulu KwaZulu-Natal, ikakhulukazi eThekwini, eMgungundlovu, oThukela, eNewcastle, eRichards Bay nakwezinye izindawo zesifundazwe.
Abafundi bazokwazi ukuthola ulwazi ngemidlalo yabaculi abadumile, osomahlaya, ama-DJ, imicimbi yamasiko, amafestivali kanye neminye imibuthano eheha abathandi bobumnandi.
YINI OZOYITHOLA KUZIKHIPHANI?
- Amakhonsathi: Izinsuku, izindawo nabaculi abazobe benandisa.
- Amafestivali: Imicimbi emikhulu yomculo, amasiko nezokungcebeleka.
- Imibukiso yosomahlaya: Ulwazi ngemidlalo yamahlaya ezweni lonke.
- Imicimbi yasebusuku: Imicimbi yama-DJ, amaqembu omculo nezindawo zobumnandi.
- Amathikithi: Amanani amathikithi nezindawo ezisemthethweni lapho engathengwa khona, uma lolo lwazi seluqinisekisiwe.
IZIKHIPHANI? izophinde inikeze abahleli bemicimbi ithuba lokwazisa umphakathi ngemicimbi yabo ukuze abathandi bezokungcebeleka bazi kusenesikhathi ngezinhlelo ezizayo.
Abahleli bemicimbi, abaculi nabagqugquzeli bezokungcebeleka bayamenywa ukuba bathumele imininingwane yemicimbi yabo, okuhlanganisa izingqwembe, izinsuku, izindawo, abazonandisa kanye nolwazi lwamathikithi, ukuze icutshungulwe ngaphambi kokushicilelwa.
Ungasali ngaphandle!
Noma ngabe ufuna ukwazi ukuthi ubani ozobe enandisa eThekwini kule mpelasonto, yimuphi usomahlaya ozobe esesiteji eGoli noma ukuthi yiliphi ifestivali elizayo eKapa, IZIKHIPHANI? ihlose ukukugcina unolwazi.
ZIKHIPHANI? | Umsakazo Gig Guide
Siziqeketha Zishisa!











Leave a Reply