UHEAZY MADIDA UTHOLE ISIMANGA KWI-GAGASI FM APP!
AKUSEYONA IMFIHLO! I-Gagasi FM Urban Top 40 isinabantu abangaphezu kuka-175 000 abayingxenye yomndeni walolu hlelo.
Umethuli walolu hlelo, uHeazy Madida, uthi yena nomproducer wakhe, uSibusiso Nqayi, abahlali bagoqe izandla uma sekuphele uhlelo ngoMgqibelo.
Laba bobabili bathatha isikhathi behlaziya uhlelo abalwenzile, bebheka ukuthi yini esebenze kahle, yini edinga ukulungiswa nokuthi yimaphi amaphutha abangafunda kuwo.
Futhi kubonakala sengathi lo msebenzi uthela izithelo.
UMadida uthi nabalaleli sebengawubona umehluko endleleni okuqukethwe kwalolu hlelo okuphuma ngayo ezinkundleni zokuxhumana.
Kodwa bekukhona into eyenza kube nzima ukukala ukuthi lolu hlelo lufinyelela kubantu abangaki.
UMadida uthi njengoba amaRams ( Radio Audience Measurement Survey) engekho, kanti ne-Urban Top 40 ingenalo ikhasi layo elizinikele ezinkundleni zokuxhumana, bekungekho lula ukulandela kahle ukuthi loluhlelo lulalelwa abantu abangaki.
Lomsakazi uthi kuze kwaba ngesonto eledlule lapho yena nethimba lakhe babheka i-app yeGagasi FM, kwavela izinombolo ezabashiya bemangele.
175 000!
Lokhu kusho ukuthi sebengaphezu kuka-175 000 abantu asebeyingxenye yomndeni we-Urban Top 40.
UMadida uthi lokhu kubamangazile kakhulu, kodwa kwaphinde kwabakhuthaza ukuthi basebenze kanzima kakhulu.
Lomsakazi ube esebonga abantu baseKwaZulu-Natali ngokubathemba nokuba yingxenye yohlelo.
“Siyabonga KZN ngokusithemba nangokuba yingxenye yeGagasi FM Urban Top 40 Family,” kusho uMadida.
Uthi yena noNqayi bazimisele ukuqhubeka nokwenza konke okusemandleni abo njalo ngoMgqibelo.











Leave a Reply