UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Ivumbuke kabusha kwi Vibe 94.7 FM inkakha yomsakazo eyahlukana kabuhlungu nesiteshi saseMhlanga, iVuma FM.
ULinda “OG” Nzimande, owaziwa kakhulu ngegama elithi The Game, ubuyele emsakazweni njengoba iVibe FM imemezele izinhlelo ezintsha zalesiteshi ngoLwesine.
Lomsakazi ubuya njengomethuli omusha wohlelo lwasekuseni phakathi nezinsuku, oluzosakazwa kusukela ngo-06h00 kuya ku-09h00.
Lolu hlelo, oluzobizwa ngokuthi i-The OG Breakfast Show, uzolwethulwa ngokubambisana noDr Phola kanye noGcwabekazi.
Ukubuya kukaNzimande kulindeleke ukuthi kwamukelwe kahle abalaleli abaningi, njengoba igama lakhe lisahlonishwa emkhakheni wezokusakaza.
Izinhlelo ezintsha zeVibe FM zizoqala ukusebenza ngoMsombuluko, mhla zine kuNhlaba.












Leave a Reply