UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Ivoicenote eputshuziwe okuthiwa ingeyomlingisi nomethuli wethelevishini owaziwayo, Nimrod Nkosi, isuse umsindo omkhulu embonini yezokungcebeleka, kwavela nemibuzo ngekusasa lakhe ngemva kweminyaka engaphezu kwengu-20 esebenza kulo mkhakha.
Kule voicenote esabalale kabanzi, uNkosi uzwakala ekhuluma ngokusobala ngesimo abhekene naso njengamanje sokungasebenzi, eveza ukuthi ubheka amathuba amasha omsebenzi.
Ubalula isikhathi sakhe eside embonini, ephinde anikeze umbono wokuthi usecabanga ukushintsha indlela.
Yize kungakacaci kahle ukuthi le nkulumo ibhekiswe kubani noma izoholela kuphi, indlela akhuluma ngayo isishiye abaningi bekholelwa ukuthi lo saziwayo osehlonishwayo usezingeni lokuthatha izinqumo ezinkulu ngempilo yakhe yomsebenzi.
UNkosi, owaziwa kakhulu ngabalandeli bakhe ngokuthi “Mr Lotto” ngenxa yomsebenzi wakhe omude ezinhlelweni zeNational Lottery.
Ukuphuma kwale voicenote kudale imibono ehlukene ezinkundleni zokuxhumana, lapho kugxekwa khona umuntu oputshuze le voice note.
Abantu bakuthathe lokhu njengobunja, baphinde baxwayisa ukuthi emhlabeni akumele uthembe muntu, izinkinga zakho kumele uzixoxele UNkulunkulu kuphela
Okwamanje, uNkosi akakaphumeli obala ukuqinisekisa ubuqiniso bale voicenote noma ukunikeza imininingwane ngekusasa lakhe.










Leave a Reply