UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

Advertisement

IMGILE IGODA UMSAKAZI IFLYSAFAIR IMLAHLEKISELA NGOMSEBENZI

UMZUKULU KAMHLANGANYELWA

Umsakazi owaduma kakhulu kwiGagasi FM neJozi FM, uPenny Ntuli, usezwakalise ukungenami kwakhe ngenkampani yezindiza iFlySafair kulandela isigameko sokubambezeleka kohambo kanye nokufika sekwephuzile kwemithwalo yakhe, okuyinto athi imdalele ukulahlekelwa umsebenzi futhi yonakalisa nesithunzi sakhe emsebenzini.

UNtuli ubhale ezinkundleni zokuxhumana egxeka le nkampani, ebuza ukuthi ngubani othwala icala uma izinkinga ezidalwe yinkampani yezindiza ziholela ekutheni amakhasimende aphuthelwe amathuba abalulekile.

Ngokusho kwakhe, indiza ayeyigibele isuke eGauteng ibheke KwaZulu-Natal ibambezeleke ngaphandle kwencazelo egculisayo ngaphandle kokuthi “indiza ibambezelekile”.

UNtuli uthe kuyamangaza ukuthi abagibeli bayajeziswa uma befika sekwephuzile esangweni lokugibela indiza, kodwa uma inkampani yezindiza ibambezela abagibeli, akukho muntu obonakala ezimisele ukuthatha isibopho ngemiphumela yalokho.

Izinkinga ziqhubekile ngesikhathi efika esikhumulweni sezindiza iKing Shaka International Airport eThekwini, lapho athole khona ukuthi imithwalo yakhe ayifikanga naye.

Uthe ngesikhathi ebuza ngendawo yesutukesi lakhe, utshelwe ukuthi lishiywe ngenxa yokuthi kunebhethri lokushaja eliphathwayo, elaziwa nge-power bank, ngaphakathi kwalo.

Nokho, uNtuli uyakuphika lokhu, ethi akakaze abe nomshini onjalo empilweni yakhe.

Uthe ngaphakathi kwesutukesi kwakukhona izingubo, izicathulo, imibhalo yomsebenzi kanye nezinye izinto ebezidingeka emcimbini womsebenzi abemele awuhambele ngo-3 ntambama KwaZulu-Natal.

Ngokusho kwakhe, ukubambezeleka kwemithwalo kumenze waphuthelwa umsebenzi futhi kwaholela ekutheni abukeke njengomuntu ongahleleki kahle emsebenzini wakhe.

UNtuli ubuze kaningi ukuthi ngubani okufanele athwale icala ngokulahlekelwa imali namathuba omsebenzi ngenxa yamaphutha enziwe yinkampani yezindiza.

Uphinde waveza ukuthi isutukesi sakhe sigcine sifikile ngemuva kwamahora ayisithupha, kodwa wathi akazange athole uxolo noma incazelo eyanelisayo ngalokho okwenzekile.

Yize evumile ukuthi ubesebenzisa iFlySafair isikhathi eside ngaphandle kwezinkinga, uNtuli uthe lesi sigameko simshiye edumele kakhulu.

Lesi sigameko sesidale inkulumompikiswano ezinkundleni zokuxhumana, lapho abanye abagibeli nabo bebelokhu babelana ngamava abo mayelana nokubambezeleka kwezindiza, ukuphathwa kwemithwalo kanye nezinsizakalo zamakhasimende ezinkampanini zezindiza.

Ngesikhathi kushicilelwa le ndaba, iFlySafair ibingakakhiphi isitatimende esisemthethweni mayelana nezinsolo zikaPenny Ntuli.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *