Indaba yeSilo uShaka kaSenzangakhona isizophuma e-Afrika iye emhlabeni wonke.
Idrama esidume kakhulu ngolimi lwesiZulu, IShaka iLembe: Zulu King, isithathwe yinkampani i-STUDIOCANAL, esezimisele ukuyethula kubathengi bamazwe omhlaba okokuqala ngqa.
Lesi simemezelo senziwe eCannes, eFrance, mhla lu-1 kuMfumfu 2026, ngaphambi komcimbi omkhulu wezokusakaza i-MIPCOM 2026.
I-STUDIOCANAL izokwethula le drama kubathengi bamazwe omhlaba, iphinde iveze okokuqala ukuthi yini elindele ababukeli kwisizini yesithathu.
IShaka iLembe, ekhiqizwe yiBomb Productions yeMultiChoice, okuyinkampani ye-CANAL+, isivele yazakhela umlando omkhulu eNingizimu Afrika.
Le drama ingeyokuqala emlandweni we-DStv ukuba ibe idrama ebukelwe kakhulu, kanti ngo-2023 yaba wuchungechunge lwezinhlelo olwalubukwa kakhulu eNingizimu Afrika.
Iphinde yaqopha umlando kuma-SAFTA ngesikhathi iwina izindondo ezingu-12 ngonyaka owodwa, okubalwa kuzo indondo ye-Best Drama Series.
Manje indaba kaShaka isilungiselela ukufinyelela kubabukeli abangaphandle kwe-Afrika.
Le drama ixoxa ngemvelaphi nokukhula kweNkosi uShaka kaSenzangakhona ngendlela egxile emlandweni wamaZulu, ixoxwa ngesiZulu futhi yakhiwe ngabakhiqizi, ababhali, abacwaningi nezazi-mlando zase-Afrika.
ISIZINI YESITHATHU ITHATHA INDABA IYISE KWELINYE IZINGA
Isizini yesithathu yenzeka eminyakeni emine ngemuva kwezigameko zesizini yesibili.
Umbuso kaShaka usunamandla amakhulu eningizimu ye-Afrika, kodwa sekukhona izingcindezi ezintsha ezivela ngaphandle.
Kuzoqala ukubonakala ukwanda kwamandla aseBrithani kanye nomthelela okhulayo wabantu baseYurophu.
Le sizini izophinde ingenise ababukeli emibusweni emisha, okubalwa kuwo uMbuso wamaSotho owawusakhula ngaphansi kweNkosi uMoshoeshoe, uMbuso wamaMpondo ngaphansi kweNkosi uFaku kanye nokusungulwa kwendawo eyaziwa ngokuthi iPort Natal.
Phakathi kwabalingiswa abazoqhubeka nokuba semqoka kukhona uNdlovukazi uNandi kanye noMkabayi, u-anti kaShaka owaziwa ngobuhlakani bakhe bezepolitiki.
Abalingisi abasha nabo bazongena kule ndaba.
ULerato Mvelase uzodlala indawo kaNdlovukazi uMpikase, u-Aiden Scott yena abe nguHenry Francis Fynn, umhwebi waseBrithani osondelana noShaka.
UConrad Kemp uzodlala uLt. Francis Farewell, kanti uWonder Ndlovu yena uzoba yiNkosana uMpande.
Umkhiqizi omkhulu uDesireé Markgraaff uthe le ndaba isineminyaka engaphezu kuka-12 yakhiwa yiBomb Productions.
Uthe inhloso bekungukuxoxa ngomlando kaShaka ngendlela enkulu nenesilinganiso esifanele imidlalo yethelevishini esezingeni lomhlaba, ngesikhathi kugcinwa isithunzi, ubunkimbinkimbi nobuntu base-Afrika.
UNomzamo Mbatha, ongumkhiqizi omkhulu futhi odlala indawo kaNdlovukazi uNandi, uthe le drama ikhombisa amandla ezindaba zase-Afrika uma zinikezwa ithuba lokuxoxwa ngezinga elikhulu.
Ukudlala kwakhe indawo kaNdlovukazi uNandi naye uthi kube ngelinye lamathuba abalulekile emsebenzini wakhe.
UNomzamo uthi uNandi ungowesifazane onesibindi owaba neqhaza ekwakheni umbuso futhi ozimisele ukuqhubeka nokubumba indlela abantu besifazane abangamaZulu abaqondwa ngayo namuhla.
MANJE USHAKA USEYA EMHLABENI
Isikhulu esiphezulu se-STUDIOCANAL kanye ne-Chief Content Officer ye-CANAL+, u-Anna Marsh, uthe inkampani iyaziqhenya ngokuyisa le drama e-MIPCOM.
Uthe le ndaba inamandla okudlula imingcele ngenxa yekhono labadali bayo, indlela exoxwe ngayo kanye nokwethembeka kwayo emlandweni wase-Afrika.
Ngakolunye uhlangothi, iVice President yeContent e-CANAL+ Africa, uNomsa Philiso, uthe ukufinyelela kwamazwe omhlaba kwe-Shaka iLembe kuyisikhathi esibalulekile ezindabeni zase-Afrika.
Le drama isivele yafinyelela emazweni ase-Afrika akhuluma isiFulentshi nge-CANALAfrique+ MAGIC, lapho sekukhonjiswe khona iziqephu ezingu-24 ezivela kumasizini amabili okuqala.
Le phrojekthi iphinde yaba negalelo elikhulu emnothweni wezobuciko eNingizimu Afrika, njengoba iMultiChoice itshale imali enkulu ekukhiqizweni kwayo futhi kwadaleka amathuba emisebenzi angaphezu kuka-20 000.
Njengoba isizini yesithathu isizokhonjiswa e-Afrika, i-STUDIOCANAL isivula elinye ikhasi ngokuyisa indaba kaShaka kubathengi bamazwe omhlaba.
Indaba eyaxoxwa ngesiZulu manje isilungiselela ukuzwakala emhlabeni wonke.


















Leave a Reply