UDJ odume ngokushisa izikhotha ngomculo kaMasikandi, uSbu “Sjerere” Mbona, usekhale ngabanye babaculi nama-DJ athi sebejwayele ukusebenzisa ulwazi lwakhe ukuze bathole amagigi.
USjerere uthi sekukhona abaculi nama-DJ abafika bathathe amagigi okudlala umculo kaMasikandi, bese kuthi uma sebezowudlala babuye bambuze ukuthi yiziphi izingoma okufanele bazifake.
Lo DJ uthi lo mkhuba usumcasulile ngoba yena usebenza kanzima ukuze azi umculo awudlalayo, kanti abanye bafuna ukuthola lolo lwazi kalula.
“Sengikhathele abantu abafike bathathe amagigi omculo kaMasikandi bese bezobuza mina ukuthi yimuphi umculo odlalwayo. Iyangicika leyonto. Kusho ukuthi kumele mina ngihlale ekhaya, ngingasebenzi, nginikeze wena ulwazi uzosebenza wena. Ningangenzi inyoni nina,” kusho uSjerere.
Uqhube wathi ama-DJ namaciko kumele ayeke lo mkhuba, ikakhulukazi njengoba naye esekhulile futhi esenezibopho zomndeni.
“Maciko, o-DJ, yekani lo mqondo enihlongoza ukuwuqala. Kulaba abangigcina ngisemncane sengimdala manje, nami ngikhulisa abantwana bami okumele balale bedlile,” kwengeza yena.
USjerere usezakhele igama kubathandi bomculo kaMasikandi ngokuwudlalela izethameli zakhe, ikakhulukazi ohlweni lwantambama kwiGagasi FM.
Indlela asebenza ngayo ngomculo kaMasikandi isimenze waba ngomunye wama-DJ asebonakala kakhulu uma kukhulunywa ngokuphakanyiswa nokudlalwa kwalo mculo.














Leave a Reply