Umsunguli wesiteshi somsakazo iSiyathuthuka FM, uDkt Myeza, usephumele obala ngokuthi ngeke avume ukuthi i-Independent Communications Authority of South Africa (ICASA) isivale isiteshi sakhe, waze wathi ukulungele nokuboshwa ngenxa yalolu daba.
Ingxabano phakathi kwalesi siteshi somsakazo nomlawuli wezokusakaza iya ngokushuba kulandela imizamo yokudlulisela izikhalo zabo ku-ICASA, kodwa bangatholi mpendulo abayilindele.
Ngokwemibiko ebekwe ekhasini leSiyathuthuka FM kuFacebook, ngomhlaka-1 kuMfumfu, lesi siteshi sahlanganyela namalungu eMK Party emashini eya emahhovisi e-ICASA eThekwini.
Le mashi ibihlose ukuthi abaphathi balo mlawuli bezwe izikhalo zabo. Nokho, ngokusho kwesiteshi, akuzange kube khona muntu ovele ezolalela izikhalo zabo.
Isimo sashuba ngosuku olulandelayo, ngomhlaka-2 kuMfumfu, ngesikhathi kufika isikhulu se-ICASA kulesi siteshi siphelezelwa ngamaphoyisa amabili aseSiteshini Samaphoyisa saseNdwedwe, ngenhloso yokusivala.
UDkt Myeza wabe esevula icala emaphoyiseni aseNdwedwe elibhekene nalesi sikhulu.
Ngemuva kwezinsuku ezine, uDkt Myeza ukhiphe ividiyo ekhasini leSiyathuthuka FM kuFacebook, eveza ukuthi bathole ukuxhumana okubatshela ukuthi baye emahhovisi e-ICASA eGoli, lapho obekuzodingidwa khona lolu daba.
Nokho, uMyeza uveze ukungenami ngokuthi alukho uqinisekiso lomhlangano, ekhala ngokuthi kulindeleke ukuthi bahambe ibanga elide bengazi ukuthi bazokwamukelwa yini.
Ugcizelele ukuthi ufuna ukukhuluma nabaholi abaphezulu be-ICASA, hhayi lokho akuchaze njengezisebenzi ezijwayelekile zalo mlawuli.
UMyeza uphinde wafunga ukuthi ngeke avumele i-ICASA ivale isiteshi sakhe, wathi ukulungele ngisho ukuya ejele ngenxa yalolu daba.












Leave a Reply