UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

UZIMDOLLAR USEXOLISILE NGOKUDAYISA IMITHI “ENGASEBENZI”

UZimphi “Zimdollar” Biyela, odume ngebhizinisi lakhe i-UKM Organics, usexolisile kumakhasimende athi imikhiqizo ayithenga kuyena ayisebenzi, kulandela ukusabalala kwezikhalo ezinkundleni zokuxhumana.

UBiyela, owaziwa ngelikaMaMkhulu, ukhiphe ividiyo exolisa kulabo abathi abayitholi imiphumela abayilindele emikhiqizweni abayithenga ebhizinisini lakhe.

Uthe usebonile umkhankaso oqhubekayo kuFacebook lapho abantu befaka khona izithombe zemikhiqizo yakhe bekhala ngokuthi ayisebenzi.

“Kunomkhankaso esengiwubonile la kuFacebook, abantu befaka izinto zami bethi azisebenzi. Ngiyabona futhi ukuthi itrend  yenziwa obani abanomngani nobani. Ngicela ukuqala ngixolise kulabo abathenga izinto e-UKM zingabasebenzeli. Kodwa iqiniso ukuthi zikhona ezibasenenzelayo,” kusho uBiyela.

Lo somabhizinisi ube eseveza ukuthi kunabantu abaningi abathenga imikhiqizo kwezinye izitolo, okubalwa kuzo ngisho u-Clicks, kodwa bangayitholi imiphumela abayilindele.

Uthi kuyamzwisa ubuhlungu ukuthi sekubhekiswe kuye izikhalo ngendlela abona sengathi ihlukile ngenxa yokuthi ungusomabhizinisi omnyama.

“Abaningi benu banezinto eziyinqwaba ezingabasebenzeli abazithenga koClicks, kodwa ngoba ngiwumuntu omnyama, lokubulawa nikwenza kimi,” kubalisa uBiyela.

UMaMkhulu uphinde wanikeza amakhasimende izeluleko ngezinto okufanele azenze ngaphambi kokusebenzisa imikhiqizo yakhe.

Naphezu kwengcindezi abhekene nayo ngenxa yalezi zikhalo, uBiyela uyaqhubeka nezinhlelo zokukhulisa ibhizinisi lakhe.

 Uhlela ukuvula izitolo ezintsha ePitoli, kanti useqalile nokwamukelwa izicelo zalabo abafisa ukusebenza khona kodwa wachaza ukuthi makube abantu abaseduze nakhona. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *