UMakhosi Khoza ukhumbule ingxoxo ekhethekile ayenza nosozigidigidi uMark Shuttleworth ngaphambi kokundizela emkhathini, ngesikhathi efisela i-East Coast Radio usuku oluhle lokuzalwa.
Umakadebona emsakazweni uMakhosi Khoza useveze enye yezinkumbulo ezigqame kakhulu emsebenzini wakhe wezokusakaza, eveza ukuthi usozigidigidi uMark Shuttleworth wayengumlandeli omkhulu weqembu lomculo i-UB40 ngaphambi kohambo lwakhe lomlando oluya emkhathini.
UKhoza, osengumphathi wesiteshi somsakazo iRise FM, wabelane ngale nkumbulo ngesikhathi ethumela izilokotho ezinhle ku-East Coast Radio ngosuku lokugubha usuku lokuzalwa kwayo.
UKhoza, owaqala umsebenzi wakhe emsakazweni ngo-1997, uthe phakathi kwezingxoxo eziningi azenze nabantu abadumile, inhlolokhono ayenza noShuttleworth ngaphambi kokuba andizele emkhathini ingenye yezikhathi angasoze azikhohlwa.
“Shoh! This is going to be so difficult, there are so many, but the one that stands out for me was when I got the opportunity to interview Mark Shuttleworth just before he lifted off, and then he revealed that he’s a big UB40 fan!” kusho uKhoza.
Ngo-April 2002, uShuttleworth waya emkhathini e-International Space Station ngomkhumbi-mkhathi waseRussia, i-Soyuz, waba ngowokuqala wase-Afrika ukuya emkhathini.
Lo somabhizinisi wezobuchwepheshe wazakhela igama emhlabeni jikelele ngalolu hambo, olwalungomunye wemizamo yokuqala eyadonsa amehlo omhlaba kwezokuvakasha emkhathini.
I-UB40, okuyiqembu laseBrithani elidume ngomculo we-reggae, laziwa ngezingoma ezinjengethi Red Red Wine.
Lokudedela lemfihlo kukaKhoza kuveza uhlangothi olungaziwa kakhulu lukaShuttleworth, ngesikhathi kuphinde kugujwa umlando we-East Coast Radio kanye negalelo layo embonini yezokusakaza eNingizimu Afrika.
UKhoza yena uyaqhubeka nomsebenzi wakhe wezokusakaza njengomphathi weRise FM, ngemuva kweminyaka ecishe ibe ngu-30 esebenza kulo mkhakha.












Leave a Reply