UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

Advertisement

AKUKAVUMI UKUHLUKANA NOKHOZI FM KU DJ SGQEMEZA

UMZUKULU KAMHLANGANYELWA

Kubukeka sengathi inhliziyo kaSipho “Sgqemeza” Mbatha ayikakavumi ngokuphelele ukuhlukana noKhozi FM, yize sekudlule izinyanga ezimbili ephelelwe yinkontileka kulo msakazo.

UMbatha ungomunye wabasakazi abangazange bavuselelwe izinkontileka ngesikhathi uKhozi FM wenza izinguquko  ngo-April.

Okuhehe abaningi ukuthi ekhasini lakhe likaFacebook elinabalandeli abangaphezu kwesigidi, usazichaza njengomethuli wohlelo lwasekuseni kuKhozi FM, okubhalwe ukuthi “uKhozi FM Breakfast Show Host.”

Ngokuvamile, uma abasakazi behlukana neziteshi abebesebenza kuzo, into yokuqala abayenzayo ukususa imininingwane ebahlanganisa naleyo nkampani kuma-bio abo ezinkundleni zokuxhumana. 

Lokhu sekudale imibono ehlukene ezinkundleni zokuxhumana. Abanye bakubona njengophawu lokuthi akukabi lula kuye ukwamukela ukuhlukana nesiteshi asisebenzele iminyaka engaphezu kwengu-20.

Kodwa kukhona nabathi lokhu akusho lutho olungaphezu kokuthi i-bio yakhe ayikabuyekezwa, njengoba abantu abaningi bengasheshi ukulungisa imininingwane yabo ezinkundleni zokuxhumana.

Yize kunjalo, uMbatha akahlalanga wangenzi lutho. Muva nje wethule i-Redeemed Media SA Podcast, kanti usezinikele kakhulu emsebenzini wenkonzo kanye nezolimo, njengoba eqala isigaba esisha empilweni yakhe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *