UHeidi Giokos usebuyele esikrinini sezindaba, kulokhu ejoyina iSABC njengomethuli wohlelo lwangempelasonto i-Fullview.
ISouth African Broadcasting Corporation (SABC) isimemezele ngokusemthethweni ukwamukela intatheli nomethuli wezinhlelo owine imiklomelo, uHeidi Giokos, eqenjini layo lezindaba.
Lesi simemezelo senziwe ngoMsombuluko, mhlaka-31 Agasti 2026, lapho iSABC News ithe uGiokos unesipiliyoni esibanzi ekubikeni ngezindaba zebhizinisi, ezezimali kanye nezindaba ezithinta izwe.
UGiokos ungubuso obaziwayo kubabukeli bakamabonakude eNingizimu Afrika, ikakhulukazi ngenxa yesikhathi asichithe ku-eNCA, lapho azakhela khona igama ngokubika ngezindaba zebhizinisi, umnotho kanye nezezimali.
Manje usezothatha inselelo entsha kumsakazi womphakathi, lapho ezokwethula khona uhlelo lwempelasonto lwe-Fullview.
ISABC ithe uGiokos usezakhele udumo njengentatheli ethembekile, futhi waziwa ngokwenza izindaba eziyinkimbinkimbi eziphathelene nomnotho, ibhizinisi nezindaba zomphakathi zibe lula futhi ziqondakale kubabukeli.
UGiokos une Bachelor of Arts (BA) kuJournalism kanye ne-Honours Degree in Communications, okuyiziqu ezihambisana nesipiliyoni sakhe esibanzi kwezokusakaza.
OyiSABC News Group Executive, uDeidre Uren, amukela uGiokos, uthe uletha isipiliyoni esikhulu, ubungcweti kanye nokuzimisela ekwenzeni ubuntatheli obunomthelela.
“Sijabule kakhulu ukwamukela uHeidi Giokos emndenini weSABC,” kusho uUren.











Leave a Reply