UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Umsakazi wohlelo lwantambama kuMetro FM, uTbo Touch, kubonakala sengathi uthola ukuthi udumo lwakhe emsakazweni alusho ukuthi uzophumelela ngokushesha naku-YouTube.
Iphodikhasthi yakhe entsha, Touch Uncensored, iqale kancane njengoba isazama ukwakha isibalo sabayilandelayo.
Ngesikhathi kubhalwa loludaba, le podcast ibisinabalandeli ababhalisile (subscribers) abangu-979, okusho ukuthi besisele ngabambalwa ukuze ifinyelele ku-1 000.
Isiqephu sokuqala sephodikhasthi sesibukwe cishe izikhathi ezingu-5 000, kanti esesibili sesibukwe cishe izikhathi ezingu-600, okukhombisa ukuthi ukukhula kwababukeli kusahamba kancane ngemuva kokwethulwa kwaso.
Naphezu kwalokho, uTbo Touch usaqhubeka nokukhuthaza abalandeli bakhe ukuba babhalisele ukulandela le podcast.
Komunye wemiyalezo ayibhale ezinkundleni zokuxhumana uthe:”Isiqephu esisha sesikhishiwe. Sengisele ngabantu abangu-25 kuphela ukuze sifinyelele kubabhalisile abangu-1 000 ngaphandle kokukhangisa. Ngiyabonga.”
Ekhuluma esePortugal, uphinde wabhala wathi:”Ngisakaza bukhoma ngisePortugal. Ngiyacela ningixolele ngesiPutukezi sami kulesi siqephu, kodwa engikushilo ngisakumele. Ngiyabonga kubo bonke ababhalisile abasha. Joyinani le podcast.”
Ubuye wanxusa abalandeli bakhe ukuthi baqhubeke nokumeseka, wathi:”Ngiyabonga ngokungeseka ngokweqiniso. Uma ungakabhaliseli, joyina namuhla futhi ungitshele ukuthi yisiphi isihloko eningathanda sixoxe ngaso esiqeshini esilandelayo.”
Komunye umlayezo, uTbo Touch ubhale ngokuhlekisa wathi:”Isiqephu sokuqala sesiphumile. Uma ungizonda, ngicela ubhalisele iTouch Uncensored kuYouTube ukuze nami ngikuthande.”
Nakuba isibalo sababhalisile sisesephansi uma kuqhathaniswa nodumo lukaTbo Touch njengomunye wabasakazi abadume kakhulu eNingizimu Afrika, iphodikhasthi Touch Uncensored isanda kwethulwa.
Kuzobonakala ngokuhamba kwesikhathi ukuthi uzokwazi yini ukuguqula izethameli zakhe zomsakazo zibe ababhalisile abathembekile kuYouTube.




















Leave a Reply