UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

INTANDOKAZI YOMFUNDI WEZINDABA IGUBHA IMINYAKA EMINE EKOMKHULU LE -SABC

Sekuyiminyaka emine u-Ondela Mbana abika okokuqala emsakazweni kazwelonke, okuyisikhathi asibheka njengesinye sezikhathi ezibalulekile ohambweni lwakhe kwezokusakaza.

Ngalolu suku ngo-2022, uMbana wafika emsebenzini endlunkulu yeSABC, lapho athola khona ithuba lokufunda izindaba okokuqala esiteshini somsakazo kazwelonke, iRadio 2000.

Ekhumbula lolu suku eminyakeni emine kamuva, uMbana uthathele ezinkundleni zokuxhumana wabelana ngalesi sikhathi esibalulekile empilweni yakhe nasemsebenzini.

“On this day in 2022 I reported for duty kundlunkulu weSABC and read my first news bulletin on a national radio station Radio 2000,” kubhale yena.

Kuye, lolu suku alumele nje ukufunda izindaba okokuqala. Lumele uhambo lokukhula, ukusebenza kanzima kanye namathuba awatholile emkhakheni wezokusakaza.

UMbana uphinde wabalula ukholo lwakhe, ethi uNkulunkulu ubelokhu ethembekile kuye kulo lonke lolu hambo.

“God has been faithful to me and I will forever be grateful,” kusho uMbana.

Ukukhumbula kwakhe lolu suku sekudonse imiyalezo yokumhalalisela kulabo abebelandela uhambo lwakhe kwezokusakaza.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *