UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

ISHIYE ISIGUBHUKANE INTANDOKAZI YE RISE FM!

Umsakazi odumile uMpumi Mbethe usevale isahluko sakhe e-RISE fm, esula emsebenzini isigubhukane, kanti namuhla, ngoLwesihlanu mhla ziyi-4 kuMandulo 2026, usuku lwakhe lokugcina ngemuva kombhobho.

UMpumi ubengumsakazi wohlelo oludumile i-The Midday Escape, lapho abedume khona ngokuletha amandla, amahlaya kanye nokuxhumana okusondelene nabalaleli baseMpumalanga.

Lo msakazi ubuyele kuRISE fm ngoNovemba 2025, kodwa manje sekufike esiphethweni esingalindelekile.

Ngemuva kwesikhathi esifushane ebuyile emoyeni, uMpumi usenqume ukushiya umsakazo ngokuphelele, agxile kwamanye amabhizinisi nezinhlelo zakhe zangasese ngaphandle komkhakha wokusakaza.

RISE fm ikuqinisekisile ukuhamba kwakhe esitatimendeni esikhishwe namuhla.

Lesi siteshi sibonge uMpumi ngomsebenzi wakhe kanye negalelo lakhe ngesikhathi ekulesi siteshi, samfisela impumelelo kulokho azobe esekwenza ngokulandelayo.

“Siyethemba ukuthi izindlela zethu zizophinde zihlangane.” kusho lomsakazo esitatimendeni.

IRISE fm ayikakamemezeli ukuthi ngubani ozothatha izintambo ze-The Midday Escape, okushiya abalaleli bezibuza ukuthi ubani ozothwala leli fa elishiywe nguMpumi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *