Izindaba ezibuhlungu ziyaqhubeka ukusabalala ngo Owen Ndlovu, njengoba kubikwa ukuthi utholakale eshonile endaweni yase Thokoza, Ekurhuleni, ngemuva kokubikwa ukuthi uthunjwe ngamadoda ahlomile eKatlehong.
Ngokwemibiko esanda kuvela, amalungu omphakathi athole umzimba kaNdlovu eThokoza ngesikhathi kuqhubeka imizamo yokumfuna.
UNdlovu, owake waba ngumethuli wezemidlalo kuSABC, kubikwa ukuthi uthunjwe ngoLwesibili kusihlwa ngesikhathi eyolanda unkosikazi wakhe esontweni eKatlehong.
Imibiko yokuqala ithi amadoda amathathu ahlomile asondele emotweni yakhe ngezithuba zabo 20:00, amphoqa ukuba aphume emotweni ngaphambi kokuba ahambe naye ngemoto yakhe eyiFord Raptor.
Unkosikazi wakhe kubikwa ukuthi ubebona ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.
IFord Raptor kaNdlovu kamuva itholakale endaweni yaseWalkerville, eningizimu yeGoli, kanti kubikwa ukuthi ibishiywe lapho futhi ikhishwe ezinye izingxenye.
Manje sekuvele lezi zindaba ezishaqisayo zokuthi uNdlovu utholakale eshonile eThokoza.
Okwamanje, akukacaci ukuthi ubulawe kanjani nokuthi ngubani obambe iqhaza ekuthunjweni nasekubulaweni kwakhe.
Amaphoyisa kulindeleke ukuthi aqhubeke nophenyo ukuze athole ukuthi kwenzekeni kusukela ngesikhathi uNdlovu ethunjwa kuze kube kutholakala umzimba wakhe.
UNdlovu ubaziwa kakhulu ngomsebenzi wakhe kwezokusakaza ezemidlalo, kanye nokuzibandakanya kwakhe ezindabeni zamalungelo abaculi nomculo. Uke waba sematheni ngesikhathi eyisa uKhozi FM ne SABC enkantaolo ngodaba lokuhlukaniswa kwengoma yonyaka.
Ukutholakala kwakhe sekushukumise ukukhathazeka okukhulu emkhakheni wezokusakaza nakwezokungcebeleka eNingizimu Afrika.
Uphenyo lusaqhubeka kanti kulindeleke ukuthi amaphoyisa noma umndeni kaNdlovu bakhiphe isiqinisekiso esisemthethweni mayelana nokushona kwakhe kanye nokuhlonzwa komzimba.











Leave a Reply