UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

KUVELE KWEHLA IZIQHOMO KWABE MK PARTY KUVUMBUKA UMHOLI EBEKADE BENGAMLINDELE

Kube nokudumala okukhulu phakathi kwabanye abalandeli be-MK Party ngemuva kokuthi uMengameli weqembu, uMnu Jacob Zuma, ememezele indodana yakhe uMnu Duduzane Zuma njengoSekela Mongameli Wokuqala weqembu, esikhundleni sikaDkt John Hlophe.

Isimemezelo senziwe izolo ebusuku ngesikhathi iqembu limemezela uchungechunge lwezinguquko ezinkulu ebuholini balo.

Abanye abasekeli bebekholelwa ukuthi uZuma uzomemezela uMengameli we-Ubuntu Botho Party, uMnu Philani Godfrey (PG) Mavundla, njengelungu elisha le-MK Party futhi mhlawumbe abe nguyena ozoba yiMeya yeTheku ngaphansi kweMK Party.

Lelo themba liqhamuke ngemuva kokuthi uMavundla ememezele obala ukuthi uzokwenza isimemezelo esikhulu mayelana nesinyathelo sakhe esisha kwezombusazwe.

Ezinkundleni zokuxhumana abaningi bebeveza ukuthi balindele ukubona uMavundla ejoyina ngokusemthethweni iMK Party, ikakhulukazi njengoba enethonya elikhulu kwezombusazwe zaseThekwini.

Kunalokho, uZuma umemezele uDuduzane Zuma njengoSekela Mongameli Wokuqala, okuyisinqumo esibonakale simangaze abaningi ngaphakathi nangaphandle kweqembu.

IZINGUQUNGO EZINKULU EZIMEMEZELWE

Ngaphandle kokuqokwa kukaDuduzane Zuma, uZuma uphinde wamemezela ezinye izinguquko ezibalulekile:

UNkosinathi Nhleko ukhishiwe esikhundleni sokuba National Chairperson.

UDkt John Hlophe ukhishiwe esikhundleni sokuba 1st Deputy President, kodwa uzoqhubeka nokuhola iqembu ePhalamende.

UNomsa Dlamini ukhishiwe esikhundleni sokuba Deputy Secretary-General.

URev Phakathi uqokwe njengo National Chairperson omusha.

UWillies Mchunu uqokwe kwi-MK Party Presidency Collective futhi uzoqhubeka nokuba nguMholi weqembu KwaZulu-Natal.

ULindiwe Mtshali uqokwe njengo Deputy Secretary-General.

Iqembu liphinde lamemezela ukuthi uSecretary-General kanye noTreasurer-General sebebuyiselwe wonke amandla abo okuphatha.

Kuphinde kwamenyezelwa ukuthi iStrategic Presidential Team isihlakaziwe ngokushesha, kanti iPresidential Task Team (PTT) isibuyiselwe ukusebenza.

Ngaphezu kwalokho, uZandile Hlophe noSibonelo Maphumulo baqinisekisiwe njengabamele iqembu abagunyaziwe kanye nabasayini balo kwi-IEC.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *