NAMANJE OWEGAGASI FM AKAWUVALI UMLOMO NGOKWAMEHLELA E- KOKO’S LOUNGE, EPHOYINTI

Umsakazi wezindaba zomgwaqo kwiGagasi FM, uSilindile Ngobese, ushiye abantu behleka ngemuva kokwabelana ngesigameko sakudala lapho isoka lakhe lamyisa eKoko’s Lounge endaweni yasePoint, eThekwini.

USilindile uthe ngolunye usuku “uBhuti othile” wamthatha wamyisa kule ndawo, wamtshela ukuthi bazohlala endaweni yeVIP.

Kodwa izinto azihambanga ngendlela abezilindele ngayo.

“Mhlazane uBhuti othile took me here wathi sohlala eVIP,” kubhala uSilindile.

Kwabe sekulandela umbuzo wakhe ohlekisayo ngemuva kokubona ukuthi le ndawo yeVIP ayifani nalokho ayekucabanga.

“Ungayibona le VIP okukhulunywa ngayo, Nkosi yam,” esho ehambisana nama-emoji okuhleka.

USilindile uphinde wachaza ukuthi ukugcwala kwabantu kule ndawo kwenza nokuhamba kube yinkinga.

Uthe ngesikhathi efuna ukuya endlini yangasese, isoka lakhe kwadingeka limubambe ngesandla yonke indlela baze bafike khona, njengoba kwakugcwele kakhulu futhi kunzima ukuhamba phakathi kwabantu.

“Uma ngidinga ukusebenzisa i-bathroom, bekumele angibambe isandla sonke isikhathi size sifike kulona ngoba akuhambeki nhlobo, indlela okwakugcwele ngayo,” kubalisa yena.

Ngemuva kwalolo suku, uSilindile uthi akaphindanga wabuyela kule ndawo.

“Ei, what a dodgy place. Ngaqala ngagcina ngalelo langa,” kusho yena.

Indaba yakhe isiphinde yavusa ukuhleka ezinkundleni zokuxhumana, ikakhulukazi ngenxa yendlela achaze ngayo umehluko phakathi kwalokho ayekulindele ngeVIP nalokho akuthola ngesikhathi efika khona.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *