UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
OwemguMphathi weziNhlelo emsakazweni uKhozi FM uPearl Maseko-Binqose, usedonse amehlo ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuhlekisa ngabantu abake bam-unfriend bamphinde bam-unfollow kuFacebook ngesikhathi eqala ukusebenza eHhovisi loNgqongqoshe woMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu ngoNovemba ka-2024.
UPearl uveze ukuthi ngesikhathi eqala ukusebenza noNgqongqoshe uVelenkosini Hlabisa, ophinde abe nguMengameli we-IFP, abanye abantu bamkhipha ohlwini lwabangani babo ezinkundleni zokuxhumana.
Manje uthi labo bantu sebebuyile, bamthumela izicelo ezintsha zokuba abangani bakhe kuFacebook.
Ebhala ngokuhlekisa uthe:
“Lapho mina ngase ngiphole ‘ekwaliwemi’, ngamukela okwakwenzekile ngabe sengiqhubeka nempilo yami. Jiki-jiki, sebebuyile!”
Esikhundleni sokubambela amagqubu, uPearl uthe ubamukela ngenhliziyo evulekile.
“Hhayi, kulungile buyani, ngenani bafwethu! Ikhaya likaBaba linezindlu eziningi. NjengoJesu, angeke nginibuze lutho, ngizonibefriend(a) futhi, nginamukele ngomusa wami. Wozani.”
Lokhu kuhlekise abaningi ezinkundleni zokuxhumana, kanti abanye bamncome ngokukwazi ukuthatha lesi simo kalula kunokuba asigcine enhliziyweni.
Abanye bathi lokhu kukhombisa ukuthi ezombusazwe zingaba nomthelela ebudlelwaneni babantu, ngisho nasezinkundleni zokuxhumana.
Nakuba bekuyihlaya, amazwi kaPearl asevuse ingxoxo ngokwethembeka, ezombusazwe, nokuthi imibono yabantu ingashintsha ngokushesha uma izimo seziguqukile.













Leave a Reply