Owayeyintatheli ye-Newsroom Africa, ophinde abe ngumfundi wezindaba kwi-East Coast Radio, uPhila Mthembu, usephakamise ukukhathazeka ngesimo sobuntatheli KwaZulu-Natal.
UMthembu uthi uyazikhumbula izintatheli zakudala, athi bezinothando lomsebenzi, zizinikele futhi zihlale zilambele izindaba.
Uthi yizo ezamenza wathanda ubuntatheli waze wanquma ukubufundela.
“Ngiyazikhumbula izintatheli zakudala. Zazinothando lomsebenzi, zizinikele futhi zilambele ubuntatheli, zangenza ngayithanda iJournalism ngaze ngayoyifundela,” kusho yena.
Uthi ezinye izintatheli zanamuhla sezibonakala zigxile kakhulu ekugcineni ubudlelwano nabantu, ekuvikeleni amathuba, ekutholeni ukuphathwa njengama-VIP emicimbini nasekutholeni izinto zamahhala, kunokugxila ezindabeni ezithinta umphakathi.
UMthembu uthi lokhu kungalimaza isithunzi nokwethembeka kobuntatheli KwaZulu-Natal.
“Ezinye zazo manje konke ezikukhathalelayo wukuthokozisa abantu, ukugcina ubudlelwano, ukuvikela amathuba okuphathwa njengama-VIP emicimbini kanye nokuthola izinto zamahhala,” kusho uMthembu.
Uphinde wabuza ukuthi kungani ezinye izindaba izintatheli okuthiwa bezizazi kusenesikhathi zingabikwanga.
UMthembu uthi kumethusile ukuthola ukuthi kunenqwaba yezintatheli ebezazi ngodaba oluthile ezinsukwini ezimbalwa ngemuva kokwenzeka kwalo, kodwa akubanga khona nendaba eyodwa eshicilelwe.
“Ngithole ukuthi kunenqwaba yezintatheli ebezazi ezinsukwini ezimbalwa ukuthi kukhona le drama. Kodwa akukho ngisho nendaba eyodwa? Haibo kanjani?” kubuza yena.
Uthi esikhathini esedlule udaba olunjalo belungagcina lusemakhasini okuqala ephephandaba, nokuthi lokhu kumenza akhathazeke ngekusasa lobuntatheli KwaZulu-Natal.
UMthembu ugcizelela ukuthi izintatheli kumele zihlukanise ubudlelwano bazo nabantu nomsebenzi wazo wobuntatheli.
“Ubuntatheli AKUSIYO indaba yomuntu siqu, ngumsebenzi. Siyabeka engcupheni isithunzi nobuqotho bomsebenzi wethu,” kusho yena.










Leave a Reply