UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Umsakazi uCarol Hobbs useveze okokuqala isizathu sangempela esamenza washiya isiteshi somsakazo saseMpumalanga, iRISE fm, eveza ukuthi izinkinga zokukhulelwa yizona ezamphoqa ukuthi aphume ohlelweni lwantambama lwalesi siteshi.
UHobbs, oseshayela uhlelo oluthi The Breakthrough ku-Vuma FM, udalule lokhu embhalweni othinta imizwa awubhale ezinkundleni zokuxhumana, lapho ebezindla khona ngohambo lwakhe emsakazweni kanye nempumelelo yakhe yakamuva.
“The Magic that was Yesterday,” kubhala uHobbs njengoba ebebuyekeza isikhathi asichithe kuRISE fm.
Uveze ukuthi wajoyina lesi siteshi ngoNtulikazi ka-2023 futhi wachaza lolo hambo njengoluyohlala luyigugu empilweni yakhe, ephinde encoma abantu baseMpumalanga ngendlela abamamukela nabamnakekela ngayo.
“Ngashiya uhlelo lwantambama ngenxa yezinkinga zokukhulelwa, kodwa ngiyafunga ukuthi ukuhlala kwami kulesi siteshi kwakufanele,” kusho yena.
Lo msakazi ubuye wakhuluma ngokuthokoza ngokuthuthela KwaZulu-Natal ngemuva kokujoyina Vuma FM ngo-2025, ethi yena nomndeni wakhe bathole ukuthula nenjabulo kulesi sifundazwe.
“Izingane zami zijabule lapha, nathi sijabule. Siseduze nolwandle futhi iqiniso ukuthi iKZN isiphethe kahle futhi isigcine sinokuthula engqondweni,” kubhala yena.
Muva nje uHobbs ubeyingxenye yomsakazo obusakazwa ngesikhathi esisodwa eziteshini ezingodadewabo ngesikhathi kugujwa iminyaka engaphezu kwengu-40 yomcimbi i-Africa’s Travel Indaba obubanjelwe e-Durban ICC, lapho uhlelo lwakhe The Breakthrough lusakazwe khona ngesikhathi esisodwa KwaZulu-Natal naseMpumalanga.
Lo msakazi uchaze lowo mzuzu njengomunye wezikhathi eziqavile emsebenzini wakhe, ethi bekungumlingo ukuxhumana nezethameli zasezifundazweni zombili ngesikhathi esisodwa.
“Ukuba seMpumalanga naseKZN ngesikhathi esisodwa kuyisibusiso esikhulu. Ngempela uhlelo The Breakthrough seliphila ngokwegama lalo,” kusho yena.
UHobbs uthe ukuhlela nokukhiqiza lolu hlelo bekulula kuye ngoba ubekwazi ukucabanga ngobuciko nangokukhululeka.
“Ngizishaya isifuba ngalokhu ngoba akuvamile ukuthi umuntu athole ithuba elifana naleli,” engeza.
“In Radio We Unite,” kuphetha yena.




















Leave a Reply